IMEYA yaseTshwane uMnuz Solly Msimanga imemezele ukuthi isithi khumu kulesi sikhundla engene kusona emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo2016. UMsimanga usho lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu esithangamini abesibizile, waphinda wabhala nakuTwitter wakhe.
UMsimanga uthe ngeke aqale asuke esikhundleni ngokuphazima kweso ngoba kunezinto okusafanele ziqedelwe ngokudeda kwakhe kulesi sihlalo. Uthe cishe uzoshenxa ngasekuqaleni kwenyanga ezayo uma sekuphothulwe konke okufanele.
It is our intention to elect a new mayor at a Council meeting as early as possible in February.
The residents of Tshwane are assured that we will work tirelessly in order to ensure that there is a seamless transition.
— Solly Msimanga (@SollyMsimanga) January 18, 2019
UMsimanga wesula nje iqembu lakhe iDA imqokele ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba undunankulu wesifundazwe eGauteng njengoba sezibheke kumaliyethi ngokhetho lukazwelonke.
Ukwesula kwakhe kugqugquzewle ukuthi usafuna ukuthola isikhathi esanele sokuqhuba umkhankaso wakho wokuhlwitha isihlalo esiphethwe yimbangi yabo enkulu i-ANC. Uthe njengoba esula uzishaya isifuba ngomsebenzi awenziel selokhu ethathe izintambo begudluza i-ANC kulo masipala.
''ITshwane ibifana nompompi wemali abantu bezitamuzela nje nokuyinto eyashiya abantu abahluphekayo behlupheka kakhulu. Sifike sakusebenz akonke lokhu sakuqeda,'' kusho uMsimanga.
Uthe usebonile ukuthi abantu basegauteng bazokhululwa ukuthi isifundazwe sitahtwhe yiDA futhi kufanele inqobe ngamalengiso ukhetho oluzoba sezinyangeni ezimbalwa.
I’d like to thank the people of Tshwane for entrusting me with the responsibility of bettering their lives.
The progress we have made in the City will be emulated across the Province. It is possible to bring real change to Gauteng.
The power lies in the hands of every voter. pic.twitter.com/KwAKKdwVwY
— Solly Msimanga (@SollyMsimanga) January 18, 2019