NJENGOBA kuqale i-16 Days of Activism, okuwumkhankaso olwisa ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, umrepha uLolo Vandal uzikhotha amanxeba emva kwezinsolo zokuthi ushaywe ngunina wezingane zakhe kanzima.
Lo mculi owaziwa ngezingoma iLinyembezi zoMxhosa, EzimaXhakaXhaka, Indlela nezinye, usephumele obala ngokuhlukunyezwa unina wezingane zakhe, okuthiwa uyamshaya.
Ngeledlule kuzwakale ingxabano yowesilisa nowesifazane bexabana okuvele ukuthi yilo mrepha obeshaywa wunina wezingane zakhe. Kulelizwi kuzwakala owesilisa exolisa encenga lo wesifazane ukuthi asuke phezu kwakhe.
Kulelizwi owesifazane uyabhoka ukhala ngokujwayelwa kabi yilo wesilisa amsola ngokuthi uma bexabana uthatha izindaba zabo ayozitshela unina.
“ Wena ungijwayela kabi, ngizokukhombisa. Ubikela umama yonke into uma sixabana,” kusho lo wesifazane.
Owesilisa yena okuthiwa uLolo Vandal, uzwakala exolisa encenga lo wesifazane ukuthi asuke phezu kwakhe. Uze atshele lo wesifazane ukuthi uyavuma ukuthi unamandla uyamehlula aphinde amsabise ngokuthi uzombophisa.
Owesifazane yena uthi uma embophisa naye uzovula icala athi ubemdlwengula. Owesilisa uze abuze ukuthi ngoba nakhu efuna ukuqhubeka nokumshaya njengoba esefuna nokumqambela amanga athi umdlwengulile.
Ethintwa uLolo Vandal uvumile ukuthi impela uyena lo oshaywayo kulelizwi eliqoshiwe.
“ Lokhu okuqoshiwe yikhona obekwenzeka kumina. Anginawo umdlandla wokuchaza okuningi ngaphandle kwalokhu okuzwile. Lento bengikhuluma ngayo nakwezinye iziteshi zomsakazo, ngicela ukunganabi ngokuningi,” kusho uLolo Vandal.
Kwenzeka lokhu nje lo mrepha usanda kukhipha i-albhamu yakhe Inalane.