NGEKE afungiswe ePhalamende obenguNgqongqoshe wezeMvelo kuleli uNkk Nomvula Mokonyane ngoLwesithathu.
UMokonyane uqokwe yi-ANC ukuthi abe nguSihlalo woZihlalo ePhalamede, obhekene namakomidi.
UMokonyane umholi wesibili we-ANC oqavile ohoxile ekufungisweni ePhalamende ngemuva kokuhoxa kukaMnuz David Mabuza obekulindeleke ukuthi afungiswe njengePhini likaMengameli.
NgoLwesibili owayenguSomlomo ePhalamende uNkk Baleka Mbete nowayengungqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba bakhethe ukuhoxa ohlwini lwabaya ePhalamende.
UMokonyane usebenze emnyangweni kahulumeni isikhathi eside ngaphambi kokukhonjwa yisigungu esiphezulu kwi-ANC ePhalamende.
UMokonyane, osendaweni yeshumi ohlwini lwe-ANC, useke waba uNgqongqoshe wezokuXhumana, wezeMvelo kanye nowaManzi neNhlanzeko. Usanda kusolwa ngenkohlalalo emnyangweni waManzi neNhlanzeko, okuthiwa uwushiye usesimeni esingesihle sezimali.
Enye yezinkinga lo mnyango osabhekene nazo, isikweletu esibalelwa ku11.2 billion okuthiwa sidalwe ukungaqoqwa kwemali yamanzi ekweletwa omasipala, izinkampani zikahulumeni kanye nezinkampani ezizimele.
UMokonyane igama lakhe liphinde lavela kwikhomishini kaZondo, ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ngesikhathi kufakaza owayeyisikhulu eBosasa uMnuz Angelo Agrizzi. U-Agrizzi wazisa ikhomishini ukuthi uMokonyane wayegwazelwa ngoR50 000 ngenyanga ukuze avikele inkampani kwabezomthetho.
INhloko ehhovisini likaMengameli uMnuz Zizi Kodwa ikuqinisekisile ukuthi uMokonyane ngeke afungiswe namhlanje kodwa wakuchitha ukuthi isizathu salokhu ngukuthi usehoxile ekubeni yilungu le-ANC ePhalamende.