UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuchithe izinsolo zokushoda kwemibhede yezingane ezisanda kuzalwa esibhedlela iRK Khan, eChatsworth okuthiwa sekuholele ekutheni zilaliswe ezihlalweni.
Izolo umnyango uthe ukhathazekile ngezithombe esezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisa izingane ezisanda kuzalwa ezimbathiswe izingubo kodwa zilaliswe ezihlalweni.
Esitatimendeni esithunyelwe ngumnyango uphendula imibuzo yaleli phephandaba ngelezi zinsolo, uNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe isithombe asithathwanga esibhedlela iRK Khan njengoba kushiwo ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngokwazi komnyango isithombe akusona esikhombisa isimo sanoma yisiphi isikhungo sethu sezempilo. Umnyango unxusa noma ubani owenza lezi zinsolo ukuthi alethe ubufakazi balokhu ukuze kubhekwe,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
UNobhala wenyunyana yabahlengikazi iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA), uMnuz Mandla Shabangu, usezwakalise ukukhathazeka mayelana nalesi sithombe athi batshelwe ngomunye wabasebenzi ukuthi sithathwe eRK Khan.
UShabangu uthe kubona akusabalulekile ukuthi kukusiphi isibhedlela lokhu okuvele esithombeni kodwa bafisa ukubona lesi simo silungiswa.
Uthe akukwazi ukuthi izingane ezisanda kuzalwa zingabekwa engcupheni kanjena.
Uthe ukulaliswa kwazo ezihlalweni kuzibeka engozini yokuthi zilimale okungadala ukuthi isimo sempilo yazo ingabe isaba sesimeni esejwayelekile.
“Okunye okubuhlungu ngalokhu wukuthi uma kwenzeka okuthile kulezi zingane abahlengikazi abazothwala icala. Umnyango wezeMpilo uyasixaka ngoba awufuni ukufaka imali yokuthenga izinsizakusebenza kodwa unayo eyokukhokhela amacala enzeka ngenxa yobudedengu,” kusho uShabangu.
UShabangu uthe inkinga ngomnyango wukuthi ugcina usuhlukumeza abasebenzi abaphumela obala ngezinkinga zezikhungo zempilo esikhundleni sokulungisa isimo kulezi zikhungo.
Imithombo ekhulume naleli phephandaba ithi zikhona izinkinga zokushoda kwemibhede nasemawodini abantu abadala eRK Khan.