UZOHLONISHWA ngomngcwabo osezingeni lukahulumeni, owayengundunankulu wokuqala kwisifundazwe saKwaZulu-Natal ngaphansi kwentando yeningi, uDkt Frank Mdlalose (89).
Lokhu kuvezwe uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, obeyobhonga emswanini emndenini wakwaMdlalose izolo.
UMdlalose ushone ngoMgqibelo emuva kokuhaqwa ubhubhane iCorona.
Emuva kokuhlangana nomndeni wakwaMdlalose izolo eNewcastle, uZikalala uveze ukuthi sesigunyaziwe isicelo sokuba uMdlalose ahlonishwe ngomngcwabo osezingeni likahulumeni.
“Sijabule ukuthi umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, usigunyazile lesi sicelo. Ngempela kumfanele uDkt Mdlalose ukuhlonishwa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni.”
UMdlalose waba undunankulu wakulesi sifundazwe phakathi kuka-1994 no-1997.
UZikalala uncome iqhaza elibanjwe uMdlalose ekuletheni ukuthula esifundazweni.
“Usebenze kakhulu nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, emizameni yokwakha ukuthula. Noma engaseyena undunankulu, waqhubeka nokudala ukuthula.”
UZikalala uphinde wancoma igalelo likaMdlalose ekuthuthukiseni isifundazwe.
“Ufike kungekho sisekelo azokwakha phezu kwaso, kepha ukwazile ukusebenza ngokuzimisela, ebambisene nabaholi abahlukene.”
Umndeni wakwaMdlalose, uthe ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaMdlalose.
“Njengomndeni, siyaziqhenya ngemisebenzi yakhe emihle ayenzele umphakathi waseNewcastle, isifundazwe iKwaZulu-Natal nezwe lonke jikelele,” kusho indodakazi kaMdlalose, uNksz Makhosazana Mdlalose.
Amaqembu ezepolitiki nawo azwakalise amazwi enduduzo ngokushona kukaMdlalose.
Umengameli we-IFP ngokuhlonishwa Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthe uMdlalose waba kumalungu okuqala e-IFP ngesikhathi isungulwa.
“Wayengungqongqoshe wezangaPhakathi nowezeMpilo kwiKhabhinethi yami ngesikhathi kusekhona uhulumeni waKwaZulu. Kungijabulisile ukuthola ithuba lokusebenza naye nokukwazi ukugcina ubungani bethu ngisho nangasemuva kokuthi singasasebenzisani kwezepolitiki.”
Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe bazomkhumbula kakhulu uMdlalose ngeqhaza alibamba ukudala ukuthula ngesikhathi ibambene ngezihluthu phakathi kwabalandeli be-ANC ne-IFP.
Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Francios Rodgers, uthe uMdlalose ubesebenzisana nawo wonke amaqembu ezepolitiki.
“Kwikhabhinethi yakhe wayifaka i-DA emnyangweni wezeMfundo, ngoba wayekholelwa ekutheni wonke amaqembu ezepolitiki kufanele abambisane kuhulumeni wentando yeningi.”