UMMELI kaNkk Nompumelelo Ntuli-Zuma odume ngelikaMaNtuli ongunkosikazi wabenguMengameli uMnuz Jacob Zuma, uthi sekwanele ukuhlukunyezwa kwakhe.
Ummeli kaMaNtuli, u-Ulrich Roux, ubhale incwadi ayithumelele iNhloko yezokuShushiswa koMphakathi kuleli * -Advocate Shamila Bathoi ekhala ngokuthi akwenzeki lutho ecaleni elithweswe uMaNtuli kusukela ngo-2015.
UMaNtuli ubhekene necala lokwakha itulo lokubulala uZuma ngoshevu.
“Amaphoyisa nabezokuShushiswa koMphakathi kubukeka sengathi abanayo inqubekela phambili ngophenyo lwabo, abanayo into ebambekayo ezinsolweni ezibekwe engimmele,” kusho uRoux encwadini ayibhalele u-Adv Bathoi.
Okhulumela iHhovisi lezokuShushiswa koMphakathi, uLuvuyo Mfaku, uthe: “Siyakuqinisekisa ukuthi siyitholile incwadi evela kuRoux emayelana nodaba lukaNkk Ntuli-Zuma kodwa akukho esingakusho okudlula lokhu.”
UMaNtuli, wahlatshwa ngemibuzo ngoJuni 2015 abaphenyi bamaHawks njengoba ayesolwa ngokubopha itulo lokubulala uZuma.
Lokhu kwenzeka ngemuva komyalelo wangoJanuwari 4, 2015 owawukhishwe owayenguNgqongqoshe wezobuNhloli, uMnuz David Mahlobo ukuba aphume aphele (uMaNtuli) emzini kaZuma oseNkandla. NgokukaRoux umyalelo kaMahlobo wawumayelana nezinsolo zetulo lokudliswa ushevu kukaZuma.
Okhulumela amaHawks, uHangwani Maluadzi unqabile ukuphawula ngalolu daba. “Ngale kokuthi kunencwadi ethunyelwe abezokuShushiswa koMphakathi, izindaba zophenyo esilwenzayo asizixoxi kwabezindaba. INhloko yezokuShushiswa koMphakathi * -Adv Bathoi neNhloko yamaHawks bazodingida indlela ebheke phambili ngalolu daba."
URoux uthe ngo-Okthoba 2016 uShaun Abrahams owayeyiNhloko yezokuShushiswa koMphakathi, wakuqinisekisa encwadini ukuthi uMaNtuli wayesolwa ngalolu daba.
Emva kokuthumela uchungechunge lwezincwadi ku-Abrahams ebuza ngenqubekala phambili yodaba, uRoux uthe watshelwa ukuthi iNhloko yezokuShushiswa koMphakathi oPhikweni lwePriority Crimes Litigation Unit, uDr Torrie Pretorius, ulusingethe udaba.
Uthe uMaNtuli ufuna udaba luqedwe ukuze aqhubeke nempilo.
Uveze ukuthi uMaNtuli akazi lutho ngetulo lokubulala uZuma, wakhelwa uzungu nje.
URoux uthe uzoqonda eNkantolo eNkulu ukuze athole ubulungiswa uma kuwukuthi abezokuShushiswa koMphakthi bayehluleka ukubhekana nencwadi abathumele yona.