ILOKISHI uMlaza libalwa njengendawo yesibili kwezihamba phambili ezweni lonke emacaleni okubulawa kwabantu.
Leli lokishi, elikhulu kunawo wonke KwaZulu-Natal, lilandela ilokishi iNyanga eCape Town ezihola phambili ngokubulawa kwabantu.
Ziyisithupha izindawo zaKwaZulu-Natal ezingene kwezingu-30 ezweni eziphezulu ngamacala okubulala okunguMlaza, Nanda, KwaMashu, Plessislear eMgungundlovu, Mariannhill neMpumalanga eHammarsdale. INanda iphambili ezweni lonke emacaleni okudlwengula ilandelwe uMlaza.
Lezi zindawo zombili ziyabalwa futhi kweziphambili nakwamanye amacala obugebengu afana nokushaya nokubamba inkunzi.
Umcwaningi esikhungweni i-Institute for Security Studies, uNksz Diketso Mufumadi, uthe umbiko mayelana nokwenyuka kwezibalo zokubulala ezweni lonke uyiqiniso wathi kodwa bashaya amakhala ngezibalo zamacala okushaya nokudunwa kwezimoto.
“Akusilo iqiniso ukuthi behlile ubugebengu obufana nokushaya nokudunwa kwezimoto ikakhulukazi ukushaya ngoba kuhlale kubikwa ngamacala okuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane yilabo abasondelene nabo,” kusho uNksz Mufumadi.
Uthe ugxile ocwaningweni olubheka ukuthi lunganqandwa kanjani udlame.
“Ukuze sithole ikhambi lokulwa nobugebengu kumele sibheke ukuthi budalwa yini. Ngokocwaningo, ubugebengu budalwa yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi nobubha,” kusho uNksz Mufumadi. Uthe enye inkinga wukuthi iNingizimu Afrika yizwe elinodlame.
“Ngokocwaningo lwethu u-99% wezingane, kusukela kwezelwe kuya kweneminyaka engu-18, sezike zadlula ezigamekweni zodlame okungaba olwenzeka emindenini yazo. Lezo zingane zikhula zinodlame,” kusho yena.