UMVIKELI Womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane usegxeke umholi weDA uMmusi Maimane ngokumnika umnqamlajuqu wokuthi adedele umbiko othinta uMengameli Cyril Ramaphosa engakapheli amahora angu 24.
UMaimane wafaka isikhalo ehhovisi likaMkhwebane ngemuva kokuthi uMengameli Ramaphosa ephendule imibuzo ephalamende emayelana noR500 000 owatholwa indodana yakhe u-Andile kwisikhulu seBosasa uMnuz Gavin Watson.
UMengameli Ramaphosa wabe esebikela owayenguSomlomo uNkk Baleka Mbete ukuthi lemali yayingahlangene nenkontileka yendodana yakhe kodwa yayimayelana nomnikelo womkhankasweni kaRamaphosa njengoba ayefuna ukuba uMengameli we-ANC.
Namhlanje uMaimane ucele ukuthi lo mbiko ukhishwe engakopheli amahora angu-48.
“Lesi isikhathi sokuthi omengameli nemindeni yabo abakhohlisa iphalamende babhekane nengalo yomthetho."
Ngempelasonto iSunday Independent yabika ngokuputshuka kwalo mbiko ngophenyo oluthi u-Adv Mkhwebane uthole uMengameli Ramaphosa enecala "lokukhohlisa iphalamende ngephutha" waphinde wehluleka ukuveza obala umnikelo awuthole kwiBosasa.
Okhulumela u-Adv Mkhwebane u-Oupa Segalwe akayithandanga indlela enze ngayo uMnuz Maimane.
"UMvikeli womphakathi akayithandanga indaba yomnqamulajuqu oqhamuka kuMnuz Maimane ohambisana nokumsabisa ngezinyathelo zomthethoT," kusho yena.
Uthe ihhovisi lika Adv Mkhwebane lisebenza ngokungachemi nokungesabi futhi, wathi aliyidingi ingcindezi eqhqmuka kuMaimane.
."