UFUNA ubulungiswa umndeni womfundi ka-matric okuthiwa uminze ebalekela amaphoyisa eDumbe, ngempelasonto.
NgoLwesibili, bekusathungathwa isidumbu sikaSiboniso Ntshangase (17), obefunda uGrade 12 eBaqulisi High, kulandela isigameko esenzeke ngoMgqibelo edamini laseBivane.
Ngokusho kukababa omncane kaSiboniso, uMnuz Sabelo Ntshangase, bafuna incazelo nobulungiswa emaphoyiseni ngokwenzeka.
“USiboniso wahamba ekhaya eyodlala ibhola nabangani bakhe. Sithole ukuthi kwaqhamuka amaphoyisa babalekela komunye umuzi. Kuthiwa amaphoyisa afika azobakhipha khona. Babaleka baya ngasedamini. Abanye bawela, abanye bahluleka bama amaphoyisa ababopha. Yena wangena edamini waminza njengoba esafunwa engatholakali,” kusho uNtshangase.
Uthe babikelwe omunye umfana obekhona ukuthi uminzile uSiboniso, uthe bafike edamini sekukhona yonke inhlobo yamaphoyisa nabatshuzi.
“Kusimangazile lokho ngoba thina asikaze sibike ukuthi uminzile. Kuthe uma sibuza ukuthi baze kanjani ngokuminza kwakhe bangasiphendula. Noma siyobuza ngecala amaphoyisa angena ezintangeni awasho ukuthi kwenzekeni,” kusho uNtshangase.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo, uthe umfundi nabanye babephula imithetho kathaqa base belandelwa amaphoyisa, ngoMgqibelo ntambama.
“Ngesikhathi beseBhadeni ngaseBivane edamini babone abafana abebedlala ibhola. Amaphoyisa ayile kubona ngenxa yemithetho kathaqa. Abafana babalekile baya ezindaweni ezehlukene. Abanye bangene kweminye imizi abanye babaleka baya ngasedamini. Kube sekuboshwa abafana abayisishiyagalombili kodwa abanye babaleka bayobhukuda edamini. Kube sekuvela ukuthi omunye wabafana ungene edamini wangabe esaphumela ngaphesheya kwalo,” kusho uNaidoo. Uthe kwabizwa amaphoyisa nabatshuzi babheka umfana kodwa bakumisa ukubheka isidumbu sakhe ngoba sekumnyama futhi kuyingozi.
NgeSonto kubuyele amanye amathimba eyobheka isidumbu.
Uthe ngoMsombuluko ngabo-12 amathimba ahlukene abatshuzi okubalwa nawophiko lwezinja abevela ezindaweni ezehlukene okubalwa ePitoli, Port Shepstone, Umhlali, Richards Bay, Empangeni, Vryheid, Newcastle abebheka isidumbu somfana ominze edamini eBivane, ePaulpietersburg,” kusho uNaidoo.
Abayisishiyagalombili ababekwe amacala okuphula umthetho kathaqa, bavele enkantolo yase-Paulpietersburg, ngoMsombuluko.
Icala lokushona komuntu belingakabhaliswa njengoba kusalindwe ukuba kutholakale isidumbu. Ngokwamaphoyisa isidumbu besisathungathwa izolo ngesikhathi sokushicilela.