“IZOBA yingozi into yokwenyuswa nokwandiswa kwezibonelelo zikahulumeni, uma kuwukuthi kuthenjelwe ezinhlakeni ezingekho ngaphakathi kuleli, ukuxhasa lezi zinhlelo”
Lokhu kushiwo umhlaziyi wezepolitiki ozimele uMnuz Thobani Zikalala, engxoxweni yakhe neSolezwe emva kokuthi umholi we-Economic Freedom Fighters uMnuz Julius Malema, ethule umqulu wezithembiso zokhetho enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ngoMgqibelo.
Phakathi kwezinto ezibalulwe uMalema athe leli qembu lizozenza uma lidla umhlanganiso okhethweni lukazwelonke nezifundazwe okulindeleke lube kulo nyaka, ukwenyusa ngokuphindwe kabili zonke izibonelelo zikahulumeni ezinikezwa abantu okubalwa kuzo ezezaguga, izibonelelo zezingane, ezomakadebona bezempi nezinye.
Uphinde wathembisa ukwethula isibonelelo esibhekele abafunde bagogoda kodwa abangawutholi umsebenzi aveze ukuthi umuntu oneziqu ze-diploma, i-degree ne-masters ongakawutholi umsebenzi, beyi-EFF bazokwenza isiqiniseko sokuthi uthola isibonelelo esiphakathi kuka- R1 000 no-R4 000, kuye ngokuthi umuntu unaziphi iziqu.
UZikalala uthe nakuba i-EFF ikhulume into abantu abathanda ukuyizwa, kodwa inselelo enkulu ngodaba oluthinta izibonelelo ukuba nendlela ecacile yakhona ngaphakathi kuleli ezoxhasa uhlelo lwezibonelelo kungaze kuyobolekwa kwamanye amazwe ngoba leyo mali isuke ihambisana nemigomo ethile engaba nomphumela ongemuhle.
“Inselelo enkulu esinayo ukuthi umnotho wakuleli indlela ohlelwe ngayo, izwe alinalo iqhaza elikhulu elilibambayo ekulawuleni okukhiqizwa kulo, okwenza lingabi nayo imali eningi yokunakekela izakhamuzi. Izwe ligcina seliyoboleka ezikhungweni ezifana ne-International Monetary Fund egcina isiqhamuka nemibandela ethile okwenza izwe ligcine lingakwazi ukuziphathela umnotho walo,” usho kanje.
Uthe uhulumeni unenselelo yokuqasha abantu abenele ukwenza imisebenzi kahulumeni, bese uhlelo lwamathenda lusetshenziswa lapha nalaphaya.
I-EFF ithe izokwenza kube semahlombe ayo ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, iveze ukuthi esikhathini esiyiminyaka emihlanu, izobe isibuyesele okungenani umhlaba ongu- 50%.
UMalema ugcizelele udaba lwemfundo yamahhala kusuka esigabeni semfundo esemazingeni aphansi kuze kufike kwesemfundo ephakeme.
UMalema uthe bazoqeda ngohlelo lokucishwa kukagesi, bethule uhlelo olusha olufuze olusetshenziswa eChina, oluzoqinisekisa ukuthi inkinga kagesi ayibonwa okungenani iminyaka ewu-20.