UMHOLI we-IFP, inkosi uMangosuthu Buthelezi, uthe inhloso yokusungula iNgonyama Trust kwakuwukunika amatayitela imikhandlu ehlukene ephethe umhlaba.
Uthe kwakuzobe sekubhekwa ukuthi abahlala kulowo mhlaba banikwe amatayitela.
UButhelezi uthe umhlaba akuwona owamakhosi kodwa owomphakathi ohlala kuwona.
“Uhulumeni ucabanga ukuthi siyizilima. Abantu abakhulumayo bacabanga ukuthi siyizilima mhlawumbe yingakho besibiza ngondlovukayiphikiswa,” kusho uButhelezi.
Ukusho lokhu ekhuluma kwi-SAFM Sunrise izolo ekuseni engxoxweni ebiqoshiwe noStephen Grootes.
Owayengumengameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe, wabiza amakhosi ngabantu abangondlovukayiphikiswa ngesikhathi kunomhlangano we-ANC ngendaba yomhlaba muva nje.
UButhelezi uthe iSilo asiwona umnikazi womhlaba njengoba siwuphathele abantu.
“ISilo siphethe umhlaba siwuphathele abantu baKwaZulu-Natal. Asiwona umnikazi womhlaba,” kusho uButhelezi.
Mayelana nokuthi imali etholwa yiNgonyama Trust iya eSilweni, uButhelezi uthe le mali ayiyi kuNgangezwe kodwa iya ebhodini eliholwa yiJaji uJerome Ngwenya.
“Uyijaji laseNkantolo eNkulu. Imali ayiphethwe noma ayiyi ephaketheni leSilo,” kuqhuba uButhelezi.
Mayelana nezinkulumo zikaMotlanthe, uthe isitatimende esakhishwa yithimba ayelihola ngeNgonyama Trust samthusa.
“Ngiyamhlonipha owayengumengameli. Kulula ukumgxeka (uMotlanthe) manje, udaba lweNgonyama Trust selube sezithebeni zezingqungquthela ze-ANC KwaZulu-Natal. Kwaba nemibiko yokuthi kumele kuqedwe ngeNgonyama Trust, ngiyamangala ngoba yimina engaqhamuka nomthetho olawula iNgonyama. Imina engaqhamuka nalo mbono, abanye abantu ababengakazalwa bakhuluma baze bayiphambanise bayihlanganise nokuthi yakhiwa ukuze kube nesivumelwano sokuthi i-IFP ingenele ukhetho,” kusho uButhelezi.
Uthe yinto engekho le yokuthi kwakuncengwa i-IFP ukuthi iye okhethweni ngoba yayivele izoba yingxenye yokhetho kodwa isizathu kwakuwukuthi kuvikelwe umhlaba owawusele ngesikhathi siphucwa umhlaba.”
Indaba yomhlaba isematheni kulezi zinsuku njengoba i-ANC ifuna uhulumeni athathe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
UMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uqinisekise izwe neSilo ukuthi ngeke uthathwe umhlaba ongaphansi kwamakhosi kodwa bafuna umhlaba ongu-87% ongekho ngaphansi kwezandla zamakhosi.
Ne-ANC KwaZulu-Natal ibe nengqungquthela ngomhlaba kuleli sonto lapho iqinisekise khona uNgangezwe ukuthi ngeke uthathwe umhlaba ongaphansi kwakhe.
Mayelana nodaba lokuhola i-IFP, uButhelezi uthe akuyona imfihlo ukuthi wathi usefuna ukwehla kodwa iqembu lamncenga lathi akaqhubeke.
“Ngilisebenzele leli lizwe. Ngiyidlalile indima yami. Angicabangi ukuthi ikhona into engisayibhekile.”