USEPHUMELE obala wazwakalisa isifiso sakhe sokubona ibandla aliholayo libuyela esimweni elaliyiso ngaphambilini, uMfu Bonginkosi Ngcobo oyiNhloko yeBandla, iGadner Mvuyane African Congregational Church of Southern Africa.
UNgcobo ophinde abe ngusomabhizinisi uqale ukuhola leli bandla njengoMengameli walo ngo-2018.
Ugonyuluke ngesifiso sakhe sokubona leli bandla libuyela esimweni.
Uthe kwaba yishwa elikhulu ukuthi esanda kungena ekuholeni leli bandla kwavumbuka ukhuvethe lweCovid 19.
Ulimise ngesihloko elokuthi labashiya nezibazi. Uthe kuyimanje kuningi okungahambi kahle ebandleni kusukela ngaleso sikhathi.
"Iqiniso elimsulwa ukuthi iCovid -19 yasishiya nezibazi ezinkulu. Kuyimanje sisalwa nazo lezo zibazi,'' usho kanje.
Uveze ukuthi ukhuvethe lwadala umoya wobuvila kubazalwane, lwaphinda lwaqeda imisebenzi kwabanye.
Uthe kodwa ukufadabala nokudlondlobala kwaleli bandla kuncike kakhulu kubaholi balo abathathu.
Labo baholi ubagagule ngamagama wathi nguMfu B.W. Ngcobo, uMfu B.H. Msibi noMfu M.A. Hlatshwayo.
Lawa madoda uthe anobuhlakani obanele bokuqinisekisa ukuthi leli bandla alifadabali, kodwa liyakhula.
"Nami ngiyazibala kulawo madoda okumele enze isiqiniseko sokuthi leli bandla liyama noma ngabe sekunzima kangakanani.
“Uma limile kuyodunyiswa uNkulunkulu ngesikwenzile, kodwa uma lifadabala kuyoba kubi. Kuyobe kwenzeka ezandleni zethu,'' usho kanje.
Ukhulume nangezinhlelo ezihlabahlosile leli bandla eliye libe nazo. Ezinye zazo ukulekelelwa kwamalungu omphakathi aswele.
Ukhulume nangohlelo abanalo lokukhuthaza ezemfundo kubantu abasha bebandla.
"Sikholwa ukuthi ezemfundo ziwumgogodla omkhulu kubona bonke abantu abasha bethu,'' usho kanje.