UYISE kaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMnuz Sam Meyiwa, unxuse uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema ukuthi angenelele ecaleni lokubulawa kwendodana yakhe.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uMeyiwa uthe useliphonsile ithawula ekutheni amaphoyisa kukhona asangakwenza.
“Udaba lwami sengizolidlulisela kuMalema, ngimcele ukuthi akangenelele ngoba ngiyabona ukuthi ludinga umuntu ofana naye,” kusho uMeyiwa.
Uthe uke waxoxisana ne-EFF phambilini kodwa wayicela ukuthi ime kancane ukungenelela ngoba kade esafuna ukunika ithuba amaphoyisa.
“Ngifuna i-EFF ingenelele odabeni lwecala nasemalini kaSenzo ngoba nakhona ngiyabona ukuthi kudlalwa ngami,” kusho uMeyiwa.
Uthe uzoqhubeka nokubanga umsindo ngokufa kwendodana yakhe baze bagcine beboshiwe abenzi bobubi.
“Ngeke ngize ngithule, bangamane bangibulale uma bethanda, ngisazoqhubeka futhi nokufuna imali yendodana yami,” kusho uMeyiwa.
Uthe imphethe kabi indlela umphathi wePirates uDkt Irvin Khoza aphethe ngayo udaba lwemali kaSenzo.
“Abakwenze lokhu abakwenza kumina kodwa kuyayiwa ezulwini,” kusonga uMeyiwa.
UMeyiwa uthe uyakholwa ukuthi ukube ukhomishana wamaphoyisa kusanguMnuz Bheki Cele ngabe kukhulunywa enye indaba ngecala lendodana yakhe.
“Amaphoyisa abengeke adlale ngami kanje ukube kusaphethe uCele,” kusho uMeyiwa.
USenzo wabulawa ngo-Okthoba ngo-2014, ngesikhathi esekhaya lentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus eGoli.
Sekuphele iminyaka emithathu egcwele amaphoyisa ephenya ngecala lakhe kodwa lutho ukubopha abasolwa.
UBrigadier Vishnu Naidoo okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uthe lusaqhubeka uphenyo ngokufa kukaMeyiwa, akukho okusha asebekutholile.
UMalema akatholakanga izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ilungu le-EFF esiShayamthetho KwaZulu-Natal eliphinde libe ohlakeni oluhola isifundazwe, uMnuz Vukani Ndlovu, lithe bayasamukela ngezandla zombili isicelo sikaMeyiwa sokuthi bangenelele ecaleni lokubulawa kukaSenzo.
“Empeleni kumele kube khona ubulungiswa kuleli cala, abenzi bobubi baboshwe kungacwebi iziziba kube sengathi akuzange kwenzeke lutho,” kusho
uNdlovu.
Uthe bayasola ukuthi umbulali kaSenzo uyaziwa manje ofakazi bayasaba ukumkhomba ngoba bebona angabuye abulale nabo.