USUKU lwangoSepthemba 18, 2016 lube muncu kubathandi bekwaito kuwa ingqalabutho uMduduzi ‘Mandoza’ Tshabalala kodwa kumkakhe uMpho obegubha usuku lokuzalwa, buphindwe kaningi ubuhlungu.
Ngesikhathi kusanda kuzwakala izindaba zokushona kukaMandoza, uGabriel “Gabi” Le Roux owadidiyela naye ingoma i Nkalakatha, ukhulume kabanzi ngeqhaza likaMpho empilweni yale ngqalabutho.
“Ngiyacela ukuthi ngesikhathi abakuleli bekhalela ukushona kukaMandoza bangakhohlwa wumkakhe uMpho okumele abongwe ngokubekezela kwakhe. UMpho ungomunye wabantu abanesibindi kwengake ngahlangana nabo. Ngiyazi ukuthi namuhla (ngeSonto) wusuku lwakhe lokuzalwa kodwa sekushone umyeni wakhe. Ngicela Mpho uqine njengomuntu engimaziyo noma kunzima kodwa wazi ukuthi siyakuthanda,” kusho uLe Roux
Ubekhuluma nabezindaba i-eNCA kwiSkype. Uthe uMandoza ubewuthanda umndeni wakhe.
“Wangitshela sisendleleni ukuthi umkakhe angabeletha noma yinini. Nangempela kwangena ucingo lumtshela ukuthi usebelethile. Sashaya imoto sibheke esibhedlela, ebanga umsindo indlela yonke ejabulisa okwengane,” echaza.
UMpho wahlangana noMandoza ngo-1998 engakadumi. Kwezinye izingxoxo zakhe nabezindaba waveza ukuthi wayengamethembi engabaza nokumqoma. Uthe bathandana begibela amatekisi okuthe uma ethenga imoto yokuqala eyayibuye ibafele endleleni, baqala bakwazi ukuhamba izindawo.
Unkosikazi kaMandoza alisali igama lakhe uma kukhulunywa ngomyeni wakhe yize yena ebengeyena usaziwayo. Okwenza angalibaleki wukuthi kuzo zonke izivunguvungu ezibhekane nomyeni wakhe ubelokhu emesekile.
Kwaba nemibiko eminingi yezinkinga ebezikhungethe umshado wabo owacishe wabhidlika, uMandoza ecwile ezidakamizweni. Abanye basola yena nangokugula komkakhe owaphathwa wuhlangothi esanda kubeletha indodakazi yabo uKarabo. UMpho wabuye waphumela obala ngokugula kwakhe ohlelweni i Motswako kuthelevishini ngo-2011 olwashiya ngisho umphathi walo uPenny Lebyane ecwebe izinyembezi. Uvezile nokuthi bacishe badivosa.
Nguye futhi owaphumela obala echitha izinsolo zokusabalala kwemibiko ethi uMandoza unegciwane lengculazi.
Emasontweni amabili edlule kuvele ukuthi isimo sibi kuMandoza umdlavuza obusungene ebuchosheni wamvala namehlo. Nalapho umkakhe ubesalokhu enethemba lokuthi uzophila.
“Angifuni nokucabanga ngokufa kwakhe kodwa ngifuna lo mdlavuza ufe unomphelo. Ngiyazi ukuthi sonke sizohamba kulo mhlaba kodwa asikakafiki esakhe isikhathi, usanecebo kulo mhlaba futhi kunezingane okumele sizikhulise,” kusho uMpho.
UMpho usho lokhu emuva kokuba uMandoza ebonakale okokugcina kubalandeli bakhe e-Orlando Stadium eGoli, umkakhe eseduze kwakhe embambile.
UMnuz Lebogang Mphuthi, obekhulumela umndeni wakwaMpho esithangamini nabezindaba izolo, uthe kusinda kwehlela kuyena selokhu kushone umyeni wakhe.
UTokollo, oyindodana endala kaMandoza, uthembise ukufeza izifiso zikayise zokunakelela uMpho nezingane zakhe.