UKHUMBULA izikhathi zamzukwana ngengoma umculi uNaak Musiq othi abesilisa abasasheli kunalokho bavele bakhiphe imali.
UNaak Musiq ukhiphe ingoma entsha ethi Ntombi apike kuyo uBucie Nkomo.
“Abantu abasasheli bavele bakhiphe imali ngoba kukhona ama-blesser manje. Isigubhu sipholile kanjalo nengoma ikhuluma ngokushela intombi ikhophozele njengakudala,” kusho uNaak Musiq.
UNaak Musiq, ogama lakhe langempela ngu-Anga Makubalo, uthe umdidiyeli wakhe uKilimanjaro wamdlalela isigubhu wavele wahlanya.
“Ngavele ngabhala. Indlela engibona ngayo ukuthi isigubhu ngiyasithanda, ngivele ngibhale. Ngatshela uMakoya (DJ Tira, umphathi wakhe) wathi uzocabanga umuntu wesifazane ozophendula into engiyiculayo. Wabuye wangithinta wathi uBucie,” kuchaza uNaak Musiq.
Uthe ujabule kakhulu ngendlela abantu abayemukele ngayo.
“Kuyafiwa, ezinkundleni zokuxhumana wonke umuntu ukhuluma ngayo le ngoma. Kade ngagcina ukujabula ngale ndlela ngengoma,” kusho yena kuzwakala ukuthi ujabule.
Uthe okwamanje izophuma ihamba yodwa kodwa basezinhlelweni zokukhipha i-albhamu ngokuhlanganyela noTira.
“Izingoma eziningi zenziwe yimi noMakoya, siyathanda ukwenza izingoma ezimnandi. Sithe asizihlanganise sikhiphe i-albhamu ngabo-Agasti kanje ngaphambi kukaDisemba. Zikhona nezinye esizozenza. NgeSonto nje bengiseThekwini ngiyonandisa Eyadini kodwa ngiqale estudiyo.”
Ubuye waveza nokuthi usezinhlelweni zokubuyela emdlalweni owuchungechunge wakuSABC3, Isidingo lapho edlala khona indawo ka-Obakeng.
“Ngisanda kuqeda ngeBroken Vows neRing of Lies. Isidingo ngaphoqeleka ukuthi ngishiye ngenxa yokuba matasa. Ngacela ukuthi bangikhulule kodwa manje senginaso isikhashana ngisanda kuba nomhlangano nabo ukuze ngibuye. Basabhala ukuthi ngizobuya kanjani.”