NKOSIKHONA CELE
UMBHISHOBHI uthi uzimisele ngokuthi kube khona akwenzayo ngenhloso yokwehlisa isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika yonkana.
UMbhishobhi Graham Sabela weBandla, iThe Church of Jesus Christ of Latter Day Saints uthi ufuna inkampani yakhe iG Force Employment Solutions iklame indima enkulu ekuqedeni ukwesweleka kwamathuba omsebenzi.
USabela usho lokhu ngemuva kokuba le nkampani iqashe abantu abangu-100 muva nje.
Uthi lonke udumo uluyisa kuNkulunkulu ngoba konke kwenzeka kahle uma uNkulunkulu ekhona.
"Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu uma kukhona abantu abazokwazi ukondla imindeni yabo manje. Lokhu kusho lukhulu kimina,'' usho kanje.
Uthi ufuna ukuthi uNkulunkulu amsebenzise ekulweni nokugqoza kwamathuba omsebenzi ezweni lonke.
Uqhubeke ngokuthi kuyajabulisa ukuthi abantu abathole amathuba omsebenzi kubona bevela ezifundazweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika.
Uveze ukuthi ugxile kakhulu kubantu abasha abaneziqu ezahlukene.
Uthi kuye kuba buhlungu kakhulu ukubona abantu abasha beswele imisebenzi ekubeni beneziqu abazithola enyuvesi.
"Sifuna ukulekelela kakhulu labo bantu abasha abaneziqu abazithole ezikhungweni zemfundo ephakeme,'' usho kanje.
Le nkampani uveze ukuthi isungulwe ngo-2018 kodwa yaze yaqala ukusebenza kahle ngonyaka olandelayo u-2019.
Ukhulume nangohlelo abanalo lokulekelela abantu abasha ngezincwadi zokushayela.
Uthe ukholwa wukuthi miningi iminyango evulekayo kumuntu omusha osuke esethole izincwadi zokushayela.
Uphethe ngokuthi yingakho bethathe isinqumo sokuthi kube khona abakwenzayo kokulekelela intsha ngezincwadi zokushayela.