IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ishaya phansi ngonyawo ithi bazothathela izinyathelo abantu abachitha udoti edolobheni ngoba bekhala ngokuthi abakhokheliwe.
Emhlanganweni wamakhansela alawula umkhandlu eCity Hall izolo, uNkk Gumede, uthe umasipala ngeke ubabekezelele abantu abenza lo mkhuba.
“Kunesiteleka sabasebenzi nosonkontileka abathutha udoti abakhala ngokuthi abaholelwe, manje sebechitha udoti edolobheni, le nto abayenzayo ayamukelekile futhi ngeke ize ibekezelelwe,” kusho uNkk Gumede.
Uthe bazobhekana nabo osonkontileka abazama ukuthi lungabikhona uzinzo edolobheni.
“Kumele kutholakale isisombululo kulolu daba ngokushesha ngoba ukungaqoqwa kukadoti kuhlukumeza umphakathi,” kusho uNkk Gumede.
Uthe kumele kwenziwe ibhizinisi ngendlela ehlelekile.
“Thina singosopolitiki, asigxambukeli endabeni yokukhishwa kwamathenda, kunabantu abaqashelwe ukwenza lowo msebenzi emkhandlwini,” kusho uNkk Gumede.
Uthe kukhona usonkontileka abangafuni ukubanikeza imininingwane abayifunayo okwenza kube nezinkinga.
UNkk Gumede uyalele iMenenja yoMkhandlu, uMnuz Sipho Nzuza, ukuba iqinise isandla.
Osonkontileka abathutha udoti nabasebenzi bengene esitelekeni ngoba bekhala ngokuthi sekuphele izinyanga ezimbili bengaholile.
Umkhandlu ukhiphe ithenda yokuthutha udoti kaR45 million yezinyanga eziyisithupha kodwa imali yaphela isikhathi senkontileka singakapheli.
Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa osonkontileka bebefaka izicelo zokuthi bakhokhelwe imali enkulu, engaphezu komsebenzi abawenzile, okuholele ekutheni imali isheshe iphele.
Umkhandlu uthi uwukhokhele wonke umsebenzi owenziwe, waqinisekisa ukuthi wenziwe ngempela.
Ngokolunye uhlangothi, osonkontileka bathi kunezicelo zokuthi bakhokhelwe abazifakile emkhandlwini kodwa bangakanikwa imali.
Osonkontileka kuthiwa bakhokhelwa ngomsebenzi abawenzile kanti baphinde baqoqe udoti nalapho kuchithwa khona ezindaweni ezingavumelekile emalokishini okwenza kube nzima ukuthi umkhandlu uqinisekise ukuthi lowo doti uthuthwe ngempela.
Kanti lo omunye udoti obekwa ngaphandle kwamagceke uthuthwa ngosuku oluthile okwenza kube lula emkhandlwini ukuthi uhlole.