OWAYEYIMEYA kuMasipala waseJohannesburg, uMnuz Herman Mashaba, usekuqinisekisile ukuthi uzoqala iqembu lezepolitiki elisha kanti owayengumholi weDA uMnuz Mmusi Maimane kungenzeka naye amlandele.
Ngonyaka odlule laba bobabili bavuma ukuthi basungula iqembu elisha.
UMashaba akazange aliveze igama leqembu kodwa uthembise ukuthi lizobe likhulumela abantu abajwayelekile, bakuleli.
Laba babamba izinkundla zokukhuluma nabantu, njengengxenye yomkhankaso wabo kusukela ekupheleni konyaka odlule.
Lezi zinkundla sezenziwe amasonto ayisithupha futhi sebekwazi ukufinyelela kubantu abangu-1.5 million bakuleli besebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Lokhu kuvezwe wuMashaba, obethula umbiko wesikhashana izolo.
UMashaba uthe lezi zinkundla zokuxhumana ziveze ngokusobala ukuthi banakho ukungawathembi amaqembu epolitiki.
“Ngo-2019 * -53% wabantu abavotayo kuleli abazange bavote. Lokhu akwenziwa wukuthi abazimisele ngezwe labo, nezinkinga ezibhekene nalo kodwa yingoba abantu bakuleli abasakholelwa emaqenjini ezepolitiki ukuthi angenza impilo yabo ibengcono. Kudingeka enye into engcono abantu abavotayo abazothembela kuyo,” kusho uMashaba.
Khonamanjalo uMaimane kwiTwitter ubhale ukuthi: “Inhlangano yethu eletha ushintsho iyeza. Lindelani nje. Sekufike isikhathi.”