UHOXE ngomzuzu wokugcina embangweni wokuhola i-ANC eNorth West, loyo owayengusihlalo wale nhlangano kulesi sifundazwe, uMnuz Supra Mahumapelo.
UMahumapelo owaziwa ngokuba kuhlangothi olweseka loyo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, unqabe ukuphakanyiswa kwegama lakhe kwingqungquthela yokukhetha ubuholi ezosongwa ngoMsombuluko.
Lokhu kushiye embangweni wesikhundla amagama amabili; okungelikaNdunankulu waseNorth West, uMnuz Bushy Maape, nelaloyo owayeyilungu lePhalamende, uMnuz Nono Maloyi. Bobabili kuthiwa basohlangothini olweseka uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMahumapelo ukuchithile ukuthi ukuhoxa kwakhe kulo mbango kungenxa yokuthi ubengenawo amagatsha amaningi amesekayo.
Uthe uhoxe emva kokuthi amanye amagatsha emcele ukuthi angenele umbango wezikhundla kwingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC kuzwelonke ezokuba ngoDisemba.
“Ngesikhathi ngithola isicelo sokuthi ngingene umbango kwingqungquthela kazwelonke, ngibe sengihlala phansi ngacabanga kahle. Uma ungumholi kufanele uqaphele ukuthi emphakathini uvela njengomuntu onjani.
“Njengamanje kunamagatsha abefuna ngingenele umbango kwingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe kanti abanye bafuna ngingenele kwekazwelonke. Uma ngingavuma ukungenela umbango ndawo zombili ngingagcina ngivela njengomuntu othanda izikhundla. Ingakho ngikhethe ukuhoxa.”
Kuvela ukuthi kukhona labo abafuna ukuthi uMahumapelo angenele umbango wokuba unobhala jikelele we-ANC kwingqungquthela yangoDisemba.
UMahumapelo ubengusihlalo we-ANC eNorth West, ngaphambi kokuthi ubuholi bale nhlangano buhlakazwe ngo-2018, kwaqokwa ithimba lesikhashana okuyilo ebelihola i-ANC kuze kube manje.
Ukuhlakazwa kobuholi be-ANC kwalandelwa ukuthi uMahumapelo ashiye njengondunankulu wakulesiya sifundazwe.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi iqale ngobuhixihixi. NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu eRustenburg, inqume ukuthi amalungu ethimba lesikhashana ebelihola i-ANC esifundazweni akufanele anikezwe igunya lokuvota kule ngqungquthela.
Ukuvota kubambezelekile ngeSonto.