UNOBHALA jikelele we-ANC olengelwa yizembe, uMnuz Ace Magashule, ungene ezintangeni uma ebuzwa ukuthi ngabe uzoshenxa yini esikhundleni sakhe njengokomyalelo wesinqumo esithathwe umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC.
Lesi sinqumo siyalela bonke abaholi ababhekene namacala izinsuku ezingu-30 ukuba bashenxe ezikhundleni, noma babhekana nokumiswa uma behluleka ukushenxa ezikhundleni.
Ebuzwa ngesinqumo esithathwe emhlanganweni ophele ngoMsombuluko uMagashule, uthe uyasihlonipha isinqumo kepha akangafuna ukucacisa ukuthi uzokwehla yini esikhundleni zingakapheli izinsuku ezingu-30 njengokomyalelo.
"Hlalani nilinde," uphendule kanje uMagashule ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abebembuza ukuthi uzoshenxa yini esikhundleni.
UMagashule uveze ukuthi usazohlangana nalabo ababehola le nhlangano ngaphambili, ukubhunga ngesinqumo. Phakathi kwabaholi azohlangana nabo kubalwa ababengomengameli uMnuz Thabo Mbeki, noMnuz Jacob Zuma, owayeyiPhini likamengameli we-ANC uMnuz Kgalema Motlanthe kanye nowayengumgcinimafa wenhlangano, uMnuz Mathews Phosa.
Akazange afune ukudalula ingqikithi yokuzokube kuxoxwa kule mihlangano. Njengoba ukuhamba kwezinsuku kusho ukusondela kosuku oluwumnqamulajuqu, uMagashule uthe akathukile nakancane.
"Angikhathazekile nakancane. Njengoba nani nizibonela, ngisewuye unobhala jikelele we-ANC."
UMagashule ukusho lokhu izolo ngesikhathi enomkhankaso wokuyotshala izihlahla eSoweto, eGoli. Bekungokukuqala ekhuluma nabezindaba selokhu umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, amemezela isinqumo.
UMagashule ungomunye wabaholi be-ANC abazochaphazelwa yilesi sinqumo, njengoba ebhekene necala lenkohlakalo yethenda yezigidi zamarandi ezasetshenziswa kulungiswa izindlu zetsheboya eFree State, ezasetshenziswa ngesikhathi esenguNdunankulu wesifundazwe.
UMagashule ongaphandle ngebheyili, uthe uyasihlonipha isinqumo.
"Ngiyazihlonipha zonke izinqumo ezithathwa y-ANC. Empeleni lesi isinqumo sathathwa engqungqutheleni edlule ye-ANC, ngakhoke ngiyasihlonipha."
UMagashule unxuse wonke amalungu e-ANC okubalwa nomesekayo uMnuz Carl Niehaus, ukuba basihloniphe isinqumo. Selokhu kuphume lesi sinqumo, labo abaziwa ngokusekela uMagashule abakaphawuli. UMagashule uthe noma kungenzekani ngeke ahlubuke kwi-ANC.
"Ngiyofela kwi-ANC. Ngiyilungu le-ANC, ngiyokuba yilo ngize ngife. Angisiyona le nhlobo ethi uma kunezinkinga, bese iyahlubuka iyoqala amanye amaqembu."