USEHLALA kwamakhelwane owesifazane waso-Sindisweni ngaseVerulam othi uhlaselwe owayeyisoka lakhe efuna babuyelane ngenkani.
UNksz Samukelisiwe Mlanduli (41) ohlala nendodakazi yakhe eneminyaka emine ekhaya uthi bahlaselwe owesilisa ngoMgqibelo ebusuku ekubeni bahlukana naye ngoSepthemba nyakenye.
“ NgoMgqibelo ebusuku ufike wangqongqoza wathi angimvulele ucela ukudla ulambile kukhona lapho kade eyojabula khona. Angizange ngiphendule wagcina esenolaka ethi angivule ufuna ukubona ukuthi nginobani endlini uzonquma umuntu,” kuchaza yena.
Uthe ngemuva kwesigamu sehora engqongqoza engavulelwa muntu, uhambile wabuya ngemuva kwemizuzu eyishumi wangqongqoza wazishintsha izwi wazibiza ngomfana wakamakhelwane.
“Ngiphendulile ngizitshela ukuthi umfana wakamakhelwane. Unele wezwa ngiphendula wabhoka ngolaka wathi ubazi ukuthi ngikhona waqonda efasiteleni elifile waliphusha ngenkani, ngithe ngiphuma ekamelweni ngithi ngiyodudula isivalo obekuvalwe ngaso efasiteleni ngamfica esengaphakathi, wangishaya ngenqindi ngawa phansi. Ungivuse wangidonsa wazama ukungidlwengula ngabona ukuthi usikekile engalweni ngesikhathi engena ngenkani ngacela ukumsiza ngoba ubopha. Ubelokhu ethi asiphume siye ehlathini ufuna ukungibulalela khona, kusize ukuqhamuka kwamaphoyisa, wabaleka,” kusho yena.
Okumphathi kabi ukuthi lo mlisa akaboshiwe amaphoyisa uthi aqale athi akaye enkantolo ayofuna incwadi yenkantolo evimbela le ndoda ukuthi isondele eduze kwakhe, wanqaba ngoba uyazi ukuthi le ncwadi ufa nayo.
“Bagcine belivulile icala kodwa bathi basaphenya. Ngiyesaba ukubuyela ekhaya ngoba umenzi wobubi uyazulazula lapha ngasekhaya futhi uyazi ukuthi ngihlala ngedwa. Angiqali ukuhlukunyezwa ngumuntu wesilisa, umyeni wami wayengishaya ngaze ngabuyela ekhaya, isoka engaliqoma ngifika lapha ekhaya laphihliza amafasitela anjengoba selingena kulelo fasitela elifile. Ngiyabona ukuthi ngizogcina ngibulewe ngumuntu othi uyangithanda. Amaphoyisa abengakholwa ukuthi ngishayiwe, elinye lithe inkulumo yami ungathi ‘idakiwe’. Uma ngidakiwe kusho ukuthi angingenelwe umuntu angishaye efuna ukuya nami ocansini ngenkani,” kusho yena.
UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uthe kuvulwe icala lokushaywa eliphenywa namaphoyisa aseVerulam.