YIZE ukuvalwa kotshwala njengoba kunothaqa eNingizimu Afrika kungaqondiwe okubi ngakho kodwa kuba nomthelela ongemuhle kubantu asebeyizigqila zabo ngoba bagcina sebezama noma yini ezobenza badakwe baze bangene nasezidakamizweni.
Lokhu kuvezwe wuNksz Nokukhanya Ndhlela ongungoti oluleka ngezengqondo, ophinde abe yiClinical Manager esikhungweni sokuhlumelelisa ngezimilo iChoose Life, esiseThekwini.
UNksz Ndhlela uthe ngokocwaningo lwabo bathole ukuthi iningi labantu ababemukelayo muva nje, abebegxile otshwaleni bengaziboni ukuthi banenkinga ngokuphuza kakhulu nokwenza bagcine sebengene nasezidakamizweni uma bengasabutholi utshwala.
“Uma umuntu esephuza kakhulu kumele umndeni uyisukumele indaba yakhe ngoba kusuke kungaselona uthando lotshwala kodwa kukhona into esuke imudla futhi akaziboni ukuthi unenkinga.
“Ngaleyo ndlela kuba lula ukuthi angene ezidakamizweni uma engasabutholi utshwala ngoba usuke efuna into ezomdaka bese ekhohlwa yizinkinga.
“Okubuhlungu ukuthi uma umuntu eke waqala ukusebenzisa izidakamizwa kuba nzima ukuthi aphume kuzona ngaphandle kokuthola usizo.
“Uma efika kuthina siqala ngokuthi simhlanze umzimba ngenhloso yokukhipha zonke izidakamizwa ezikuyena bese eqala amakilasi azomsiza ukubuyisela impilo yakhe esimeni.
“Yize siyisikhungo esikhulu kodwa sivamise ukuthatha abantu abayisishiyagalolunye abazohlala ngaphakathi amasonto amathathu ngaphambi kokuba sibadedele.
“Uma sibona ukuthi akakabi sesimeni siyazengeza izinsuku zifinyelele ku-28,” kusho uNksz Ndhlela.
Uthe kwesinye isikhathi baye bathole ukuthi umuntu akanankinga yezidakamizwa kuphela kodwa nasemqondweni unokuphazamiseka, abantu abangeke bakuqonde uma bengamazi egula ngokomqondo.
“Uma ekuleso simo siye simthathe simyise eRiverview Maner, e-Underberg, lapho ezofika asizwe khona ngokomqondo, bese eyabuya sizolwa nenkinga yezidakamizwa,” kuqhuba yena.
I-Choose Life ivulwe eminyakeni emithathu eyedlule eThekwini nguMnuz Vernon Goss owayenenkinga yezidakamizwa naye.
UGoss uthe wayelaliswe esibhedlela ngenxa yenkinga yezidakamizwa, wezwa odokotela bemhleba bethi ngendlela okwase konakele ngayo emzimbeni wakhe ngeke alibone usuku olulandelayo ngenxa yezidakamizwa.
“Ngavele ngashaya umkhuleko omncane ngacela uMdali ukuthi asindise impilo yami khona ngizobuyisela emphakathini ngokusiza abantu abanenkinga yezidakamizwa,” kusho uGoss.