FIONA FORDE
N GENKATHI kuzoba nezinguquko kuhulumeni ngo-2009 inhlangano iSouth African Women in Dialogue yaphakamisa igama lika-Advocate Thuli Madonsela (osesithombeni) esikhundleni soMvikeli woMphakathi.
“Kungani mina?” kwabuza yena kuMartha Muller wale nhlangano.
“Kungani kungeke kube nguwe?” Impendulo emfushane eyabuya.
Mhlawumbe angikakakulungeli lokhu, kwabe kungumcabango ka-Adv Madonsela lo. Ngonyaka ophambilini wayecelwe ukuba afake iCV yakhe ohlwini lwamajaji eNkantolo yoMthethosisekelo yakuleli.
Ngaleso sikhathi wayebona sengathi kusasekuseni ngokomsebenzi wakhe ukwamukela le nselelo kodwa wagcina “ephoqeleka” ukufaka iCV.
Njengoba wayengakakulungeli nebala akabizelwanga inhlolokhono.
Wazitshela ukuthi nasesikhundleni somvikeli womphakathi kuzokwenzeka okufanayo, wabe esekhohlwa yilesi sikhundla.
Ekuqaleni kukaMeyi ngo-2009 kodwa, ngosuku olwalwendulela ukugcotshwa kukaMengameli Jacob zuma, wayesesitolo eFoschini, eWoodlands Boulevard, ePitoli, eduze kwalapho ehlala khona, wathola ucingo olwashintsha konke lokhu.
Wayesegunjini lokulinganisa izingubo esitolo esazama ukulinganisa i-camisole ngenkathi etatazela epequlula ucingo esikhwameni sakhe.
Kwaba wumzuzu ayengawulindele njengoba athola izindaba zokuthi usezoba ngumvikeli womphakathi waseNingizimu Afrika, iminyaka eyisikhombisa kusukela ngo-Okthoba.
U-Adv Madonsela wayengomunye wesikhombisa wabesifazane ababephakanyiswe yiSouth African Women in Dialogue, eyesekwa nguNkk Zanele Mbeki ongunkosikazi wowayengumengameli uMnuz Thabo Mbeki, owayekhishwe nguZuma esikhundleni ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule.
Kuyabaluleka nokho ukuthi uNkk Mbeki ungomunye wababa neqhaza ekuphakanyisweni kwegama lowesifazane obuye wahlaza imbangi yomyeni wakhe nokuyinto ebingakaze yenziwe ngisho ngesisodwa isikhulu sikahulumeni.
Nokho u-Adv Madonsela wayengazi ngaleso sikhathi ukuthi izinto zizoshuba kanjena. Ngaphambi kokungena ehhovisi lomvikeli womphakathi wayeziphilela impilo ejwayelekile kodwa umqondo wakhe engawususile ezintweni ezenzeka ezweni.
Bambalwa abangakhumbula u-Adv Selby Baqwa, umvikeli womphakathi owaqokwa ngo-1995, noma u-Adv Lawrence Mushwana owangena ngemuva kwakhe ngo-2002 owaphatha leli hhovisi kwaze kwaba kungena u-Adv Madonsela.
Akukaze kube khona uphenyo olunzulu lwezikhulu zikahulumeni olwenzeka ngalesi sikhathi, ngaphandle kodaba olwenzeka eminyakeni engu-10 eyedlule olwasusa umsindo lomkhonyovu wamalungu ePhalamende ayexhaphaza imali ngokutetemuka ngamabhanoyi (Travelgate).
Kwaphinde kwaba nolomkhonyovu owaqubuka ngo-2005 ngemuva kwemibiko yokuthi inkampani yoMbuso kawoyela iPetroSA yafuqa u-R11 million emkhankasweni we-ANC ngo-2004 (Oilgate).
UMushwana akatholanga lutho olubi kulolu daba. Wakushintsha konke lokhu u-Adv Madonsela kanti kule minyaka embalwa edlule uthola izikhalo ezibalelwa ku-15 000 ngonyaka.
Isikhalo nesikhalo usinika isineke ukusicubungula ngaphandle kokunaka ukuthi ngubani osolwayo.
Yize eyohlale ekhunjulwa ngombiko waseNkandla, udaba lokuhlomula kwamabhizinisi kaMnuz Julius Malema kuhulumeni, olwaMnuz Bheki Cele nebhilidi lokuqasha ibhilidi lekomkhulu wombutho wamaphoyisa nolukaNgqongqoshe Sicelo Shiceka lokudla imali kahulumeni ukuvakashela intombi yakhe eboshwe ejele laseSwitzerland, ngamacala amancane anikela kuwona kakhulu isikhathi sakhe, lawo esingezwa ngawo.
Usechazwa njengomuntu onesibindi ngezinqumo azithathayo, yize yena engaboni kanjalo.
“Isibindi singakwenza ugcine usuzidela amathambo kwezinye izinto, wenze izinto engingeke ngikwazi nokuzichaza. Engikwenzayo mina ngukulandela umthetho nje kuphela futhi yikona okungikhululayo. Ngigcina umthetho bese ngeseka engikwenzayo ngisebenzisa wona umthetho,” kusho u-Adv Madonsela.
Ngokwenza lokhu usegxekwe kakhulu, kokunye baze bamusho nangezici okungenasidingo. “Sengize ngafunda ukuqonda ukuthi abantu babona kunesidingo sokwenza lokhu uma benokwesaba,” usho kanje ngendlela aziwa ngayo yokukhulumela phansi sakunensa edida abaningi.
U-Adv Madonsela, igama lakhe eliphelele nguThulisile, wazalwa ngoSepthemba 28, 1962 eSoweto.
Kubo bazalwa beyisithupha kodwa bathathu abasaphila kanti bakhona nabanye azalwa nabo ngunina noyise emishadweni yabo yaphambilini.
U-Adv Madonsela uke wasebenza isikhashana enyunyaneni yabasebenzi njengomeluleki kwezomthetho ngaphambi kokwenza izifundo zomthetho (LLB) e-University of Witwatersrand, egxile kakhulu kumalungelo abantu nomthethosisekelo.
Phakathi nama-90s wabuyela ukuyofundisa eWits, ngenkathi ebuya wasiza ekuhlanganisweni koMthethosisekelo wezwe.
Eminyakeni elandelayo waqhubeka nezifundo zomthetho, waba neqhaza ekuguqulweni kwemithetho kuleli.
Yize iCV yakhe inyinyitheka, u-Adv Madonsela usaziphilela impilo ejwayelekile ePretoria East nezingane zakhe – indodakazi ena-25 nendodana ena-22. akashadile. Isikhathi sokuphumula akavamile ukusithola kepha uma kwenzekile uthanda ukuhlala nabantwana bakhe noma “ngivele ngicwile encwadini. Lapho ngisuke sengingasezwa nomuntu okhuluma nami.” Ungomunye wabesifazane bakuleli abadumile njengoba igama lakhe kuGoogle livela ka-7 million kodwa akayingeni eyodumo. Akaphuzi futhi akabhemi kanti yize engumKrestu oqinisa ekukholweni kunokuya esontweni.