KUYAZIWA ukuthi ukuketha umkhakha wezokusebenza yezinye yezinto ezibaluleke kunazo zonke kumfundi kamatikuletsheni.
Kunezakhi ezintathu ezibalulekile ekufanele umfundi azicabange. Esokuqala, umbuzo othi: “Yini enginentshisekelo ngayo?” kufanele uhambe phambili ngesikhathi umfundi enza izinqumo. Umfundi kufanele akhethe umkhakha awukhathalelayo nazokwazi ukuwenza iskhathi eside. Kwazise kungaba yinto ayenzayo iminyaka eyamshumi amabili kuya kwamashumi amathathu ezayo.
Isakhi sesibili ukuhlobana komkhakha kanye nesimo somnotho; kwazise umkhakha onempumelelo namhlanje kungenzeka ufadalale kusasa. Kungayiphutha ukungasho ukuthi imboni yezamaciko nokuxhumana/nokusakaza iqhubekile yakhula yize sibhekene nobhubhane iCOVID-19 kanti ezinye izimboni zithikamezeke kakhulu. Umkhakha wezokuxhumana/wezokusakaza ube yinxenye ebalulekile kuzo zonke izimboni ngezokumaketha kanye nezokuxhumana. Isidingo sezinhlelo ezahlukene sikhula njalo.
Esesithathu isakhi ukuthi ukukhetha isikhungo semfundo ephakeme kusemqoka. Kunamagebe amakhulukazi phakathi kwemfundi kanye nezimboni ezahlukene. Emikhakheni yokusebenza eshukumisayo njengaleyo esembonini yezokuxhumana/yezokusakaza umfundi kungahle adinge okungaphezulu kunekilasi elinezihlalo namatafula kuphela.
Enye yezikhungo zemfundo ezihamba phambili eneziqu ezigunyaziwe emkhakheni wezamaciko nokuxhumana/nokusakaza yi-Creative Arts College. Iziqu zabo ziqondene nemboni abafundisa ngayo. Phezu kwalokho zihambisana nezinto umfundi ayozidinga embonini njengama-Demo Tapes, Izithombe ezithetshulwe ngobucwepheshe, ama-Show reels, kanye nama-Portfolio. Ungazifundela kabanzi ngamathuba nemizila yemfundo ekhasini labo le-inthanethi elithi www.creativearts.co.za.
Ziningi izimboni ezingenzi kahle esikhathini samanje esinzima, yize kunjalo, uma ubheka uzobona ukuthi ezinye izimboni ziyakhula. Ezinye zezinkampani ezinkulu kunazo zonke emhlabeni zasungulwa ngesikhathi sokuntula komnotho womhlaba wonke; izinkampani ezifana ne-Google kanye ne-Facebook. Zikhuphule futhi wandise amathuba okuba yigugu emkhakhekheni okhulayo ngokuba nentshisekelo, ukuhlobana, kanye nemfundo njengomhlahlandlela wakho.