UMKHUBA wokugconana ngezici ezinganeni mdala kodwa kuthiwa utshala ukungazethembi, ulimaze nekusasa.
Yize kwabanye kuzwela unomphela ukugconwa ngezici, abanye lokhu bakusebenzisa ukusiza nabanye ukubuyisa ukuzethemba.
Umlingisi ongaconsi kubalandeli uLupita Nyongo waseKenya, ungomunye wabakhule begconwa ngenxa yebala lakhe.
Lo mlingisi owakhulela eKenya, ubegconwa ngokuba mnyama kakhulu, athi kwamenza wazenyenza kwezinye izingane.
Lo mlingisi usebhale incwadi esihloko sithi Sulwe ezophuma ngonyaka ozayo, ehlose ukukhuthaza izingane ukuthi zingakunaki ukugconwa.
Esitatimendeni esikhishwe inkampani ezoshicilela le ncwadi, lo mlingisi uthe wayezizwa emubi, waphelela nawukuzethemba ekhula ngenxa yokugconwa.
Ngale ncwadi uthe ufuna izingane zamukele indlela ezibukeka ngayo futhi ziziqhenye.
UNksz Sanele Mkhabela ungomunye wabakhula begconwa, othe kwamenza wazenyeza.
UNksz Mkhabela owondlekile kwesingezansi, uthe wakhula egconwa ngokuba nezinqe ezinkulu kwamenza wangazithanda.
Useqale umkhankaso obizwa ngeNdonikazi kuFacebook, lapho ekhuthaza abesifazane abakhiwe njengaye ukuthi baziqhenye.
“Indlela engangigconwa ngayo ngezinqe ezinkulu, ngazitshela ukuthi uma sengimdala into yokuqala engizoyenza ukunciphisa izinqe. Bengifisa ukufana nabanye kodwa sengizithanda kakhulu futhi angizenyezi ngokuba mkhulu. Ngifuna ukufundisa nabanye abesifazane ukuthi bathande imizimba yabo bafundise nezingane ukuze zingazenyezi,” kusho uNksz Mkhabela.
Omunye odume ngokukhuthaza ukuzamukela, nguTulie Tanda ongumkhangisi nonguMiss Curvy Body SA.
Lo mkhangisi ojwayele ukuveza izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana egqoke ngisho izimpahla zasebhishi, usanda kubhala kuFacebook ukuthi akanamahloni ngezingalo namathanga amakhulu ngoba yilokhu okumenza ahluke.
UNksz Zola Dudeni oyiPsychologist uthe izici okubizwa ngazo ingane ziyanamathela emqondweni, ikhule nazo.
Uthe ngisho abazali bayaba budedengu, babize izingane ngezici.
“Ukungazethembi kudala ukuthi umuntu azizwe emncane, ngisho ehlangene nabantu angakhululeki. Omunye kuthi noma ebona abanye behleka, abone sengathi bahleka yena. Omunye ugcina echitha izimali elungisa ubuso ngoba ezama ukufihla ukungazethembi,” kusho yena.
Uthe ukubuyisa ukuzethemba kuthatha isikhathi kumuntu ngoba kudingeka abazomtshela okuhle ngaye.
Uthe ukugconwa kulimaza nobudlelwano kwezothando, omunye asabe ngisho ukukhumula phambi kwathandana naye uma akhula egconwa ngomzimba wakhe.