UKUDLIWA komhlaba kubeka engcupheni uhlelo lokwakhiwa kwesikhumulo sezindiza sikaR14 billion okuhlongozwa ukuthi sakhiwe endaweni engaphansi koMasipala waseMkhambathini.
Abatshali bezimali abavela eGermany bamanqika ukuqala ukwakha isikhumulo sezindiza esizodala izinkulungwane zamathuba emisebenzi ngenxa yokuthi kukhona abakha imizi endaweni ehlonziwe.
Lokhu kuvezwe iMeya uNhlakanipho Ntombela, obekhuluma esidlweni sakusihlwa ebesihlelwe ubuholi be-ANC kwisifunda iMoses Mabhida.
Umhlaba odliwayo usendaweni enothile, eLynnfield, phakathi kweCamperdown, noMgungundlovu.
UNtombela uthe umhlaba ohlonziwe ukuthi kwakhiwe kuwo isikhumulo sezindiza wabuyiselwa emphakathini.
“Mabili ama-Trust ayenikezwe umhlaba. Ama-Trust ke avamisile ukuba nezinkinga. Abantu bayaye bangaboni ngendlela eyodwa. Abanye bayaye bafune ukuqhubeka nokutshala, kube khona abafuna ukuwudayisa umhlaba. Manje kukhona abantu abasika izindawo, ababeka abantu.”
UNtombela uthe isikhondlakhondla senkampani yaseGermany esifuna ukwakha isikhumulo sezindiza ngabe sesiqalile ukwakha ukube abekho abantu abadla umhlaba.
“Nakuthina kunzima ukungenelela ngoba umhlaba okukhulunywa ngawo uphethwe abantu abazimele. Siyazama ukuxoxisana nabo abanikazi bomhlaba. Into esiyihlongozayo ukuthi basidayisele wona umhlaba.”
UNtombela uthe ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza kuzodala amathuba emisebenzi angu-5 000.
UMkhambathini ukhula ngamandla, izimboni eziningi sezithuthele ezindaweni ezingaphansi kwalo mkhandlu.
Izimboni zihehwa ukuthi lo mkhandlu useduze nothelawayeka uN3, uphinde ube phakathi kwamadolobha amakhulu iTheku noMgungundlovu.
UNtombela uthe bafuna ukuthi uMkhambathi ufane nedolobha lomntakabani eliseGoli, iSandton.
“Sikhula ngamandla. UMengameli (uCyril Ramaphosa) wakhuluma ngamadolobha esimanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngesimo sezwe. Thina sikulungele ukuba yidolobha lesimanje. Ziningi izinkampani eziza lapha.”
UNtombela uthe ukukhula kwabo kuphinde kwasizwa nawukuthi banikezwe ezinye izindawo ebezingaphansi kweTheku ngesikhathi kuklanywa kabusha imingcele.
“Lezi izindawo eziseCato Ridge. Kunezinkampani eziningi lapho. Siphinde sanikwa iMophela. Lokhu kusho ukuthi sesizophatha amathuna. Kuzokube kungokokuqala siphatha amathuna. Lokhu kukhombisa ukuthi umkhandlu uyakhula.”
UNtombela uthe okubuye kuvimbe abatshali bezimali eMkhambathini ukuthi abanawo amapayipi athwala amanzi angcolile.
“Lento iyihlazo. Sisebenzisa amathoyilethi emigodi. Abanye abatshali bezimali bafike babe manqika uma bebona lokhu. Le nto iyasibambezela. Njengobuholi asisongile izandla, siyazama ukulungisa le nkinga.”