UKHUZA ibuya obengundunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Wlllies Mchunu njengoba eseqokwe njengePhini likaSihlalo weKhomishini ehlela ukusebenza kukahulumeni.
UMchunu (71) ongumakadebona kasopolitiki wethulwe njengelungu lekhomishini yokuhlela nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala ngoLwesithathu ngesikhathi kade evula ilekgotla yezinsuku ezine eqhubeka eMayville, eThekwini.
UZikalala uthe umsebenzi wale khomishini ukusiza uhulumeni inikeze namasu, iphinde iluleke ngokuthi umsebenzi othile kumele ube usuphelile emuva kwesikhathi esingakanani.
“Uma uhulumeni enombono wokuthi ngemuva kweminyaka engu-20, kumele asuke esezuze okuthile, ikhomishini iyabheka ukuthi konke lokhu okusuke kuyizibophezelo kuyenzeka yini ngendlela efanele ngenhloso yokuthuthukisa uhlelo lokuhanjiswa kwezidingo kubantu,” kusho uZikalala.
Uthe ukuba khona kwekhomishini kuyasiza nasekutheni iminyango ikwazi ukusebenzisana ukugwema ukuthi ingagcini seyenza imisebenzi ecishe ifane nokudala ukuthi kumosheke imali.
“Uma sithi ngo-2050, abantu abaningi baKwaZulu-Natal bazobe sebehlala emadolobheni, kumele sazi ukuthi imaphi lawo madolobha, sizowathuthukisa kanjani, sizoqinisekisa kanjani ukuthi lawo madolobha anengqalasizinda ezokwazi ukuhlinzeka labo bantu ngo-2050. Kumele lokho sikuhlelele manje, lowo ngumsebenzi wekhomishini yokuhlela,” kusho uZikalala.
Uveze ukuthi bakhathazekile ngesinqumo sakwaSAA sokuvala imizila ethile yamabhanoyi, wengeza ngokuthi lokhu kuzonciphisa amathuba emisebenzi.
UZikalala uthe bayaxoxisana noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni ngalesi sinqumo.
Uthe kodwa ngeke bakuvume lokhu ngoba kuzoba nomthelela omubi kwezomnotho wezwe.