USOMABHIZINISI uMnuz Khulubuse Zuma usevumile ukukhokha imali enguR23 million wamademeshe kwabePamodzi and Aurora Liquidators. Lolu daba bese ludonse iminyaka eyisithupha enkantolo ngokusho kwenyunyana iSolidarity izolo.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi uZuma (osesithombeni), ongumshana kaMengameli Jacob Zuma, nabaqondisi be- Aurora Empowerment Systems nyakenye batholwa benecala lokungawenzi kahle umsebenzi okuyinto eyadala kwaba namademeshe ka-R1.7 billion.
UZuma usolwa ngokungawenzi ngendlela umsebenzi wokuba ngumqondisi ngesikhathi inkampani i-Aurora isengamele imayini iPamodzi Gold East Rands okuyinto eyaholela ekulahlekeni kwendathane yomsebenzi, izinkulungwane zabasebenzi zalahlekelwa wumsebenzi.
Unobhala jikelele weSolidarity, uMnuz Gideon du Plessis, uthe uZuma ubezolahlekelwa ngokuningi ukube ubenqaba ukuyikhokha le mali. Ubengase alahlekelwe wumuzi wakhe kanokusho obiza imali elinganiselwa ku-R2 million, izimoto zakhe nebhizinisi.
“UKhulubuse kufanele anconywe ngokuvuma kwakhe ukukhokha le mali ngoba ukube ubengakhokhi ubezolahlekelwa kakhulu. Uyakuqonda ukuthi akusho ukuthi usevuma iphutha kodwa uyazi ukuthi ugwema okuningi," kusho uDu Plessis.
UDu Plessis uthe uZuma usevele uqalile ukukhokha imali engu-R5 million manje sekufanele aqedele ngo-R500 000 lungakapheli usuku lokusebenza lwanamuhla.
“Uma kungenjalo, engakwazanga ukuyikhokha yonke, kuzofanele akhokhe ngamancozu u-R16 million njalo ngenyanga kuze kuphelele lo R500,000 bese kuthi u-R2 million oyisitolimende sokugcina awukhokhe ngamancozu o-R100 000 njalo ngenyanga kuze kuhlangane lo R23 million,” kusho uDu Plessis.
UDu Plessis uthe izingxoxo phakathi kwabathintekayo zaqala ezinyangeni ezimbili ezedlule, zaphothulwa ngesonto eledlule.
Isicelo esasifakwe nguZuma nabaqondisi abayisihlanu benkampani i-Aurora sokudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu esasithi kumele bakhokhe amademeshe kaR1.7 billion sachithwa eNkantolo ePhakeme yokwedlulisa amacala eBloemfontein ngoMeyi.
“UZuma uselethe incwadi efungelwe enkantolo ehambisana nesivumelwano esifungelwe sokuthi uzokhokha. Ngo-Okthoba 25 lolu daba luzolalelwa enkantolo," kusho uDu Plessis.
UDu Plessis unxuse labo ababesebenza kule nkampani i-Aurora abebengangazibhalisele izimali zesinxephezelo ukuba bakwenze lokho ngokushesha njengoba ama-Creditors ezokuba nomhlangano maduze nje ezama ukuthola ukuthi bazokhokhelwa kanjani ababhalisile.
"Abasebenzi sebezothola ingxenye yemali eyasalayo ezoqhamuka kuZuma njengoba ezodayisa izimpahla ezithile (zomndeni) wakwaBhana," kusho uDu Plessis.
"Anginaso isiqiniseko sokuthi ngabe abasebenzi bazothola R28 000 ogcwele yini njengokubhalwe kwi-Insolvency Act. Anginaso futhi nesiqiniseko sokuthi ikhona yini imali abayikhokhelwa ngemuva kwalowo R28 000 umsebenzi ngamunye," kuchaza uDu Plessis.
UMnuz John Walker, ongummeli wabePamodzi Gold and Aurora, uthe zonke izicelo ezilethiwe zizocutshungulwa.
"Bonke abakweletwayo, kuhlanganisa nabasebenzi, kuzodingeka balethe ubufakazi bokuthi kufanele bakhokhelwe. Uma sekutholakale bonke ubufakazi, imali izobe isicazelwa bonke abafake izicelo zaphumelela, kusetshenziswa umthetho i-Insolvency Act," kuphetha uWalker.
Imizamo yokuthola okhulumela uZuma, uMnuz Vuyo Mkhize, ihlulekile. – African News Agency (ANA)