PHEZU kokuba kwakunovalo lokuthi ukhetho lohulumeni basekhaya, obelubanjwe ekuqaleni kwenyanga, luzokwandisa izibalo zabazosuleleka ngeCovid-19 kuleli kodwa uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, uthe azizange zande izibalo ngesikhathi sokhetho.
UPhaahla uthe nakuba kwakukhona imikhankaso yamaqembu ahlukene ngaphambi kokhetho, kuba namarali kodwa isibalo sabahaqekayo asivezanga ukuthi sikhulile.
“Ukhetho aluzange lusikhuphule kakhulu isibalo sabanaleli gciwane. Ngesikhathi semikhankaso kuyiwa okhethweni sasikhathazekile ngokuthi sizokwanda isibalo kodwa asikho isifunda noma isifundazwe esitshengise ukuthi izibalo ziyanyuka.”
UPhaahla uxwayise ngokuthi nakuba izibalo zabahaqekayo zingekho phezulu kodwa kumele kuqashelwe isivuvu sesine saleli gciwane.
Uthe lesi sivuvu sesine silindeleke ukuthi sibe maphakathi nenyanga ezayo (uDisemba) noma ngasekupheleni kwawo, noma ngasekuqaleni konyaka ozayo.
“Akekho ongakwazi ukuqagula ukuthi lesi sivuvu sizohlasela nini kodwa sona siyeza. Sizobe siholwa yizinto eziningi okubalwa nokwehla kwenyuka kwabantu.”
Uthe njengoba behlale bexwayisa ngokuthi abantu kumele baqhubeke bazivikele, bazoqhubeka nokubaxwayisa ngoba nakwamanye amazwe sesifikile lesi sivuvu.
“Amazwe afana noGermany nase-Ukraine, lesi sivuvu sihlasele. Sisilungiselele lesi sivuvu sesine ngoba sifuna ukuthi okungenani singasheshi sigadle.”
Uthe bamatasa balungiselela ukuthi kube ne-oxygen eyenele nemibhede uma kudingeka kuba nabangeniswa ezibhedlela kanjalo nezinsiza zokuzivikela kuleli gciwane, amaPPE.
Unxuse abantu ukuthi bagome ukuze bangaguli kakhulu uma sekuhlasele lesi sivuvu.
Ubalule ukuthi imigomo yanele, wathi abantu yibona abangaphumi bayogoma.
Ubalule nokuthi ezinye izifundazwe zisele kancane ukuthi zifinyelele ku-50% wokugonywa kwabantu abadala.
Uzwakalise ukukhathazeka ngentsha ephakathi kuka-18 no-34 engaphumi ngobuningi ukuyogoma.
“Kuyacaca ukuthi izindaba ezingamampunge yizona ezenza abantu abasha badembesele ukuyogoma. Wonke umuntu akagome ukuze aphephe ikakhulu ngamaholidi.”