Simphiwe Ngubane
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi bazokwandisa amathuba abesifazane ukuze bezohlomula emnothweni wezwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngoSuku lwabeSifazane ngeSonto.
Uthe iminyango kahulumeni izosebenzisa * -40% wemali ithenga izimpahla emabhizinisini abesifazane. Ezinyangeni ezingu-12 ezizayo kumele iqhamuke nezinhlelo ezizohlomulisa abesifazane futhi ichaze bangaki asebehlomulile.
URamaphosa uthe bazokweseka osomabhizinisi besifazane abasathuthuka nalabo abadayisa emigwaqweni.
“Sizoxhumana namabhange khona kuzobalula ukuthi abesifazane bakwazi ukuthola imali uma befaka izicelo,” kusho uRamaphosa.
Uthe bazophinde benze kube lula ukuthi abesifazane bahlomule ngezinto ezifana nomhlaba.
“Sizoqinisekisa ukuthi kuhlomula ababencishwe amathuba phambilini njengabo abesifazane futhi sibasize ngezinsiza zokulima,” kusho uRamaphosa.
Umengameli uthi kunoR75 million wamavawusha obekelwe ukuhlomulisa abalimi ngesikhathi somvalelandlini. U-53% wabazohlomula ngabesifazane basezindaweni zasemakhaya.
“Kumele siqinisekise ukuthi bonke abalimi besifazane bayaqhubeka nokuthola usizo ngisho sekudlule lesi sikhathi. Sizothinta namazwe ase-Afrika ukuba abeke imigomo ezokwengenza ukuhlomula kwabesifazane ngomhlaba kube * -30%,” kusho uRamaphosa.
Balinganiselwa ku-1.4 million abesifazane abahlomule emalini yesibonelelo sabangasebenzi.
Isinyathelo sesine sikahulumeni ngesizoqinisekisa ukuthi abesifazane bayavikelwa odlameni olubhekiswe kubo emsebenzini.
Elakuleli liyingxenye yamazwe omhlaba emkhankasweni obizwa Generation Equality. Lo mkhankaso ugqugquzela ukulingana ngobulili ngonyaka * -2030.
Lo mkhankaso uhlose ukuthi abesifazane bahlomule kwezomnotho namalungelo, kuliwe nodlame olubhekiswe kwabesifazanei kuliwe nokubulawa kwabesifazane.
KunoR17 million wesikhwama iSolidarity Fund obekelwe ukweseka izinhlelo zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane. Uhulumeni uzokwandisa nesibalo samaphoyisa aphenya lawa macala.