UHULUMENI wakuleli usunxuse abantu ukuthi behlise amaphaphu kulandela ukubuya kwesifo esitholakala ekudleni esibhubise abantu abangaphuzulu kuka 200 ngonyaka ka-2017/2018, ilisteriosis.
Ukuvuka kwelisteriosis kuzothusa amalungu omphakathi amaningi kwazise bangu-87 abantu osekuqinisekiswe ukuthi babanjwe yilesi sifo kodwa abasebenzi bezempilo bathi asikho isidingo sokwethuka.
Ilisteriosis idle lubi ngonyaka odlule njengoba ishiye abaningi besabela izimpilo zabo. Ukuqubuka kwalesi sifo esibulale abantu abangaphezu kuka-200 ngonyaka ka-2017/18 kukhonjwe kwelinye lamafemu eTiger Brands.
Kusukela kwamenyezelwa ukuphela kwelisteriosis ngoSepthemba wangonyaka odlule, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD) ithi bangaphezulu kuka-87 abantu osekubikiwe ukuthi bathole lesi sifo eNingizimu Africa.
Kubantu abawu-87 okubikiwe ngabo, iNICD iphenya ngokushona kwabangu-61 njengoba sekushone abantu abangu-21.
Abaningi abathole lesi sifo bakhonjwa esifundazweni saseGauteng njengoba bebalelwa ku-31. EWestern Cape babalelwa ku-23 kanti KwaZulu-Natal bawu-16 okuthiwa bathole lesi sifo.
“U-57% abantu besifazane. U-36% wamacala usondelene nabantu besifazane abakhulelwe njengoba bewu-30 kulamacala angu-84 abikiwe, kulandele abantu abadala abaneminyaka esuka ku-15 kuya ku-49 no 50- kuya ku-64. Mane kuphela amacala abikiwe lapho izingane ezineminyaka esuka ekuzalweni kuya ku-14 zibanjwa yilesi sifo,” kusho iNICD.
Izimpawu zelisteriosis okumele ziqaphelwe kuba; umkhuhlane, ubuhlungu emsipheni, noma ikwezinye izikhathi kube yisifo sohudo. Uma ukutheleleka kudlulela kwi-nervous system, kumele uqaphele izimpawu ezifana nekhanda elinkenkethayo, intamo eqinile, ukudideka, ukuhluleka ukuma kanye nokwethuka.
Abesifazane abakhulelwe abathelelekile kuyenzeka baphathwe umkhuhlane omncane.
Kule nyanga, abameli bezisulu zelisteriosis njengoba kumangalelwa inkampani Tiger Brands bathi ukuqulwa kwamacala kulokhu kuhlehlisiwe. ITiger Brands ithole izincwadi ze-class action ngo-Ephreli wangonyaka odlule.
Inkantolo enkulu yaseSouth Gauteng ithe inkampani yabameli iRichard Spoor Attorneys ingaqhubeka ne-class action, imele abantu abangu-1000.