MTHOKOZISI MNCUSENI
U MQEQESHI we-Ajax Cape Town, uRoger de Sa, uzwelana nomlingani wakhe ku-Orlando Pirates uVladimir Vermezovic obhinjelwa yizinto kulezi zinsuku.
EzikaDe Sa nezikaVermezovic zizobhekana kowe-quarterfinal yeTelkom Knockout kusasa ngo-8.15 ebusuku, e-Orlando Stadium, eSoweto.
UDe Sa, osuke esikhundleni sokuqeqesha kuPirates kwangena uVermezovic, utshele Isolezwe izolo ukuthi ubuqonda kahle ubunzima bokuba wumqeqeshi weZimnyama uma izinto zibhimba.
Lo mqeqeshi, osuke kuPirates wajoyina i-Ajax, ugila izimanga neqembu lakhe elibunjwe ngabafana abancane njengoba lilele isibili ku-log ye-Absa Premiership. Kusasa uDe Sa uzoya enkundleni ake wahlukumezeka kakhulu kuyona esaqeqesha iPirates kodwa kulokhu uya ngenhloso yokuyokwandisa usizi kweZimnyama.
“Alikho igqubu enginalo ngePirates ngoba bengiphethwe njengenkosi kwaze kwaba yisikhathi lapho izinto zingahambi khona kahle. Akekho ongaphika ukuthi iPirates yiqembu elikhulu ngakho njalo uma ingena enkundleni abalandeli babheke ukuthi kube yibona abajabulayo ekupheleni komdlalo. Uma kungenzeki lokhu, izinkinga ziyaqala,” kusho uDe Sa.
“Ngisiqonda kahle isimo uVermezovic abhekene naso futhi ngizwelana naye. Ungumqeqeshi osezingeni futhi nabadlali anabo baseqophelweni elifanele, yibhadi nje elimhlasele.”
Nakuba uDe Sa ezwelana noVermezovic kodwa lo mqeqeshi owayengunozinti weBafana Bafana, akukho akuyela eSoweto kusasa ngaphandle kwewini.
“Umdlalo uzokuba nzima kakhulu kithina ngoba iPirates akufanele ishaywe imidlalo emibili ilandelana. Lelo yisiko lakhona ngakho-ke lo mdlalo uzokuba lukhuni kithina. Ukushaywa kwePirates imidlalo emibili ilandelana kuzokwandisa izinkinga kumqeqeshi kodwa angingene lapho ngoba nginowami umsebenzi okufanele ngiwenze,” kusho lo mqeqeshi.
Ngokusho kukaDe Sa i-Ajax kuzofanele idlalele ukufa nokuphila uma izimisele ngokubuya nokuthile eSoweto. “Uma sizodlala ngendlela efana nale esenze ngayo sinqoba kuPlatinum (Stars) ngeke sibuye nalutho. Indlela esidlale ngayo neKaizer (Chiefs) ibiyinhle kodwa eSoweto kuzofanele siwakhuphule kakhulu amasokisi ngoba iBucs izokube ivutha ingabaselwe,” kusonga lo mqeqeshi.
IMIDLALO YETELKOM KNOCKOUT:
Kusasa:
Bidvest Wits vs SuperSport United
(Bidvest Stadium, 3pm); Mamelodi
Sundowns v AmaZulu (Loftus
Versveld Stadium, 6pm); Orlando
Pirates v Ajax Cape Town (Orlando
Stadium, 8.15pm)
NgeSonto:
Kaizer Chiefs v Platinum Stars
(FNB Stadium, 3pm)