UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi sebezofunda ngohlelo lwezobuchwepheshe abafundi abangaphumelelanga ku-matric abazobe belungisa imiphumela yabo.
Umnyango unohlelo lokusiza labo abasuke bengaphumelelanga ngesikhathi kubhalwa u-matric ukuze balungise imiphumela yabo. Umnyango ulokhu ulishumayele njalo ivangeli lokuthi abangaphumelelanga bangacabangi ukuthi kuphelile ngabo ngoba zikhona izinhlelo zokuthi bavuke bazithathe.
Kulezi zinsuku kuyahalaliswa ngenxa yemiphumela emihle yabafundi baka-matric abebebhala ngonyaka odlule. Isifundazwe iKwaZulu-Natal senyuse imiphumela sathola u86.36% sisuka ku-83% wango-2022. Ngokwemiphumela kazwelonke iKZN ilale isibili ilandela iFree State ethole u-89%.
Ukumenyezelwa kwemiphumela yaseKZN bekuhanjelwe nawuNgqongqoshe wezeMfundo kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, obebabaza umsebenzi omuhle.
Bangu-167 247 abafundi abebebhala ngonyaka odlule kwase kuphumelela abangu-136 366. Kuvele nokuthi isibalo esikhulu sabafundi abaphase ngo-Bachelor siqhamuka KwaZulu-Natal. Isifundazwe siphinde sibe nabafundi abaningi kunazozonke ebezibhala u-matric.
Okhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, exoxa neSolezwe, uchaze kabanzi ngalolu hlelo lwabazolungisa imiphumela yabo.
“Kuvelile ukuthi abanye abafundi bagcina bengayi emakilasini ngenxa yokushoda kwemali nokuthi kukude. Sibe sesisungula uhlelo lokuthi bafunde belapho bekhona ngezobuchwepheshe. Kuzoba nothisha ozongena afundise kuqoshwe nesifundo sakhe baphinde bakwazi futhi ukuxoxa naye,’’ kusho uMahlambi.
UMahlambi uthe bazokhipha isiqeshana sombhalo ochaza kabanzi ngokuzokwenzeka. Uthe kufanele baqale babhalise labo abafuna ukufunda kuze kube wuFebhuwari.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, naye ukugcizelele ukuthi labo abangaphumelelanga ngeke babalahlise okwenyongo yenyathi kodwa bayabenzela inhlelo zokuthi balungise isimo.
Sezivele zivuliwe izikole kulo nyaka, usuqalile umshikashika wokufunda ezweni lonke kanti nalabo abafuna ukulungisa imiphumela kulindeleke ukuthi baqale maduze.