Tony Carnie
IMBONI yendwangu eMgungundlovu iqale uhlelo esaluvivinya lokukhiqiza isikhumba sengwe esisezingeni eliphezulu kodwa esingesona ngempela ukuze kongiwe imvelo.
ITed’s Textile izokwenza lokhu ngokubambisana nebandla lakwaShembe elisebenzisa kakhulu imvunulo yesintu eyenziwa ngesikhumba sezilwane.
Osekhaleni lalo msebenzi uMnuz Tristan Dickerson, ongumcwaningi wezingwe odabuka eHluhluwe, uthe inhloso yabo wukuqhaka-mbisa isiko nenkolo kodwa ngakolunye uhlangothi bebe bevikela lesi silwane esiyigugu lase-Afrika.
Ingwe ibalwa nezilwane ezisengcupheni yokuthi zishabalale ngokombiko we-International Union for the Conservation of Nature.
Le nhlangano ithi zingaphansi kuka-10 000 izingwe ezisaphila eNingizimu Afrika.
Leli zwe livumela ukuthi kuthunyelwe emazweni angaphandle izikhumba zengwe ezingu-150 ngonyaka kodwa abacwaningi bathi ziningi ezizingelwayo zibulawe ngokungemthetho.
Okuthiwa kuyimbangela kakhulu yokufunwa kwesikhumba sengwe wukuthi sisetshenziswa njengemvunulo ebukhosini bakwaZulu futhi sigqokwa nangosopolitiki, abantu abanemali abakhonze ukuvunula, abaculi namalungu ebandla lakwaShembe.
UDickerson uthe ukutholakala kwezikhumba zengwe ezingaphezulu kuka-90 emzini othile eJozini eminyakeni emithathu edlule kwabashaqisa kakhulu.
Emasontweni edlule iTed’s Textiles eMgungundlovu ibihlola ukuthi ingakwazi yini ukukhiqiza isikhumba esifana ncamashi nesengwe emishinini yayo.
Izikhulu zakwaTed’s Textiles zithe sezike zaxoxisana nabebandla lakwaShembe zifuna ukuthi basebenzisane kodwa lokho kwaba nezingqinamba ngesikhathi kudlula emhlabeni umholi wolunye lwezinhlangothi zakhoni iNkosi uVimbeni Shembe.
Uthe bafuna ukudayisa lezi zikhumba ngo-R500 sisinye.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uMbonisi Zulu, uthe bafuna ukubona ukuthi lezi zikhumba zinjani, wathi bangacela namakhosi ukuthi enze uphenyo ngazo.