FANELESIBONGE BENGU
KUBUKEKA impilo kaNkosinathi “Mzambiya” Zwane ilokhu iqhubekile nokuhamba ngomzila ohlukile uma kuqhathaniswa nosaziwayo abaduma emkhakheni wezokungcebeleka besebancane.
Lokhu kuhlaluke engxoxweni abenayo ne Solezwe uMzambiya, owaqala ukuduma kuqala iminyaka yawo-2000 ngamanoni ekwaito afana ne Zola, Kumele Senzeni, Zikode, Jersey No-10, Dlozi Lami namanye lapho ayepika khona izilomo ezinjengoSteve Lekoelea wodumo kwi-Orlando Pirates.
UMzambiya, ohlanganisa iminyaka engu-29 namhlanje, okubukeka ephila impilo eqondile kwazise akajwayele ukuvela ezindabeni ngemibiko engemihle noma ehlangene nokuphambana nomthetho, utshele leli phephandaba ukuthi usezimisele ngokubopha ifindo likasofa silahlane nesithandwa sakhe angasidalulanga.
Ngaphezu kwalokho uhlela ukulandela ezinyathelweni zikayisemkhulu ngokwenza izifundo zobufundisi ngonyaka ozayo.
“Ukhona owesifazane obalulekile empilweni yami engicabanga ukuthi nguyena engizomshada. Izinto ezinjena kodwa akumele uzijahe. Angifuni ukuthatha ingane yabantu ngibuye ngiyihluphe futhi,” kusho uMzambiya, kulezi nsuku obonakala ku-SABC1 ethula uhlelo lomdanso, iJika Majika.
“Umkhulu wami ubengumfundisi ngakho nami ngiyokwenza izifundo (zobufundisi). Ngikholwa wukuthi ukuze uhlale uqondile kumele usondelane noNkulunkulu. Ulokhu emuhle kimi. Angikho lapha ngikhona ngenxa yokuhlakanipha kwami kodwa ubonile ukuthi kukhona afuna ukukufeza ngami. Ngifuna ukushintsha impilo yabantu kodwa kumele ushintsho luqale kimi.”
Uthi usesungule inkampani yakhe iFive April Media ekhiqiza izinhlelo zethelevishini futhi engumphathi wabaculi, afuna ukusiza ngayo intsha.
Uthi usephothule uhlelo lwethelevishini olugqugquzela intsha.
“Ngizenzele yonke into kulo ngokwelulekwa ngabantu abanamava. Wuhlelo lokuthuthukisa intsha ukuze kube nomehluko emphakathini. Uma udumile udumo akulona olwakho wedwa kodwa kumele ulusebenzise ukwenza umehluko emphakathini ngokuthi mhlawumbe uthengele abampofu ukudla noma izimpahla zokugqoka. Ngisazogcwala umgwaqo ngithungatha abaculi abasha njengoba nami ngatholwa nguNimrod Nkosi no-Oscar Mlangeni,” kusho uMzambiya othi usathungatha isiteshi esizokhombisa uhlelo lwakhe.
UMzambiya uke wathi ukunyamalala emehlweni omphakathi.
Uthi ubesafuna ukulungisa izinto ezithile.
“Kubalulekile ukuzithola uma ungumuntu. Impilo yethelevishini akusiyona eyangampela kodwa kumele ubuye uhlale nomndeni ulungise izinto zakhona kuqala ngaphambi kokuphumela ngaphandle.”
Njengoba esebuyele emculweni nje, usekhiphe ingoma apike kuyo uThandai waseZimbabwe ethi Blow Your Mind.
Uthi indlela asenza ngayo izinto isihluke kakhulu kuneyakudala.
Uthi ekuqaleni ubekhipha ama-albhamu kodwa manje usezokhipha izingoma ezihamba ngazodwa.
“Sengizokhipha ingoma ngiqophe ne-video yayo bese ngibonakala nginandisa ezindaweni. Ngifuna ukusebenza nabaculi abaningi. Umculo wami usafana kodwa ngifake izinto eziningi njengengoma yesimanje. Ngifake i-electro ne-dance ngoba umculo uyashintsha. Iphupho lami wukuthi ngiye phesheya okuyingakho ngixuba izinto eziningi emculweni wami.”