OWAYEYISIKHULU esiphezulu kwaSABC, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, uthi yena ushiye ifa ngokuthuthukisa le nhlangano nokuqashwa kwabantu.
UMotsoeneng ubethula ubufakazi bokugcina kwiKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Umbiko wango-Agasti owenziwa ithimba elaliphenya ngokwakwenzeka eSABC, wathola ukuthi kukhona abantu abaqashwa nabakhushulelwa ezikhundleni kungafanele.
Kwaba khona abantu okwavela ukuthi bakhushulelwa ezikhundleni ngoba besondelene noMotsoeneng futhi babelandela imiyalelo yakhe.
UMotsoeneng uthe wazizwa ehlaselwa ngoba yena wayengenawo amandla okuqoka abantu ezikhundleni.
“Akulona nje iqiniso ukuthi mina ngangiqasha abantu ngendlela engafanele. Sihlalo, abantu abaqashayo umnyango wakwandabazabantu. Ngakho kungenzeka kanjani ukuba uHlaudi avuke ekuseni ayoqasha abantu? Uma kukhona umuntu engimqashayo, kungamele kube uhlelo lakwandabazabantu. Angizange ngiqashe muntu mina,” kusho uMotsoeneng.
Ikhomishini iphinde yezwa ngokubandakanyeka kwakhe kwisivumelwano esasiphakathi kweMultiChoice neSABC. UMotsoeneng, kuvele ukuthi wakhokhelwa uR10 million ngokuqinisekisa ukuthi lesi sivumelwano siyenzeka.
Kwaba nezinkulumo eziningi ngalesi sivumelwano sikaR500 million, esivumela abakwaMulti Choice ukuthi babe namalungelo ezinhlelo ezindala zeSABC ukuze benze i-SABC Encore. UMotsoeneng uthe ngokwakhe uyaziqhenya ngokwenza lesi sivumelwane sibe impumelelo.
“Uma uxoxa ngefa lami engalishiya, ilama-channels; (SABC News Channel neSABC Encore) amabili nokuqashwa kwabantu.”
Uthe konakala izinto uma eseshiya le nhlangano. “Zonke izinto zamane zabheda sengihambile, kwaba nendlala yezemidlalo.”