SIMPHIWE NGUBANE
UQASHWE ngelokhozi esibhedlela owesilisa otitinywe wumphakathi emuva kokuhlahlela ngocelemba wabulala unina omzalayo nonina omdala, abayisithembu sikayise, ngoMsobuluko ekuseni KwaNdaba, KwaSikhemelele, KwaMhlabuyalinga.
Umsolwa oneminyaka engu-37, kuthiwa uvuke ekuseni ngezithuba zabo-8 wagenca wabulala unina uNkk Duduzile MaNkalane Khumalo (81), wasuka waya endlini engezansi wafike wagenca wabulala nonina omdala, uNkk Mpaku MaNtshembeni Khumalo (82).
Kuthiwa kube sekusuka amalungu omndeni nomphakathi, abebeveva yintukuthelo ngesenzo sikamsola, bamtitinya bazama nokumgenca, wasindiswa ukufika kwamaphoyisa ambophile ase emphuthumisa esibhedlela lapho aqashwe khona ngelokhozi.
Umfowabo kamsolwa, uMnuz Robert Ntuli, ovukwe umunyu nosizi ngesikhathi elandisa ngalolu daba, uchaze umagcino wakubo ogile ilumbo, njengowesilisa obehlezi egcwele intukuthelo.
“Sibuhlungu kakhulu ngale nto evelile ekhaya, ebulala abazali ngendlela enesihluku kanjena. Kube nzima ngisho ukusondela eduze kukamfowethu obesevuke umbhejazane, ekhuluma izinto esingazizwa kahle futhi ethukuthele kakhulu,’’ usho kanje.
Uthe kusaduma amakhanda kubona njengomndeni futhi kabasazi isazathu esiholele ekutheni umsolwa enze le nto.
Uthe ngesikhathi eqeda ukubabulala ubesebheje amehlo esebomvu sekunzima nokumbuza ukuthi uyenzeleni le nto?
Kuthiwa namawele alo mndeni abesho ukuqeda ngomsolwa njengoba elinye lawo kuthiwa limgence ngocelemba kodwa wangalimala kakhulu. Abashonile bazongcwatshwa ngoMgqibelo.
UMnuz Xolani Zikhali ongusekela sihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) eMkhanyakude, uthe seziya ngokwanda izigameko zalolu hlobo esifundeni.
Uphonsele inselelo izinhlaka zokuphepha, ohulumeni basekhaya nobukhosi ukuba baqinise izinhlelo zokuqwashisa umphakathi.
“Kumele kwenziwe umkhankaso oqwashisa ngezokuphepha emphakathini esikuwona. Okwenzeke kulo mndeni akukuhle futhi asihambisani nakho ngoba kukhombise isihluku esikhulu emndenini,’’ usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseManguzi aphenya amacala amabili okubulala.
ULt Col Gwala uthe abesifazane ababili bagencwe wumsolwa owaziwayo esigodini KwaNdaba.
“Bobabili abashonile bebenamanxeba amaningi emzimbeni. Umsolwa utitinywe ngamalungu omphakathi wabe esephuthunyisa esibhedlela lapho egadwe khona ngamaphoyisa,” kusho yena.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe kumphathe kabi ukusocongwa kwezalukazi.
“Simangazwa udlame olubhekiswe kubantu abangakwazi ukuzivikela. Abantu abasebancane yibona okumele bavikele abantu abadala. Kuyacasula ukuthi abantu okumele ngabe bavikela asebekhulile kube yibona ababulalayo,” kusho uNkk Khoza.
Uthe ababulali kumele bancishwe ibheyili bese begixabezwa ngezigwebo ezinzima.