LIGWETSHWE iminyaka engu-22 libhadla ejele isoka elabulala intombi yalo eyayinezinyanga ezinhlanu namasonto amabili ikhulelwe ngoba liyisola ngokuthi iyamjolela.
INkantolo eNkulu eThekwini igwebe uLungani Gqwaru (28) emva kokuthi ezivumele yena ukuthi washaya uNksz Nokuphiwa Magwaza (24) waze wambulala ngoDisemba nyakenye.
Kuthiwa isigameko senzeka eSakhamkhanya, KwaDukuza.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe ngaphambi kokwenzeka kwesigameko uGqwaru nomufi babekade bethandana.
UNkk Kara uthe le ndoda yayikade isola umufi ukuthi uyamjolela.
"Ngelanga lesehlakalo, yaya kovakashela umufi kubo base bezilulela izinyawo khona endaweni. UGqwaru wabe esethatha lona wesifazane wamyisa ndawana thize lapho afike amshayela khona waze washona," kusho uNkk Kara.
Emva kwesigameko kuthiwa le ndoda yadla phansi.
UNkk Kara uthi eyayingakwazi le ndoda ukuthi ukhona umuntu oyaziyo, owayibona ngesikhathi ihamba nomufi, ngaphambi kokuthi atholakale eseshonile.
Ulandise wathi ngesikhathi sekutholakala isidumbu sikamufi, lo muntu, owayekade ebabone behamba ndawonye, wabikela umphakathi ngakho.
Kuthiwa amalungu omphakathi, ayengagayelwe mphako futhi eveva yintukuthelo, athelekela le ndoda maqede abiza amaphoyisa.
Enkantolo uGqwaru waqale waliphika icala kodwa wagcina eselivuma.
UNkk Kara uthe ngesikhathi ijaji seliwisa isigwebo, lidalule ukuthi kunezizathu ezizwakalayo eziholele ekutheni ligudluke esigwebeni sikadilikajele esibekwe wumthetho.
Ezinye zalezi zizathu zifaka phakathi iminyaka kaGqwaru, ukuthi ulivumile icala nokuthi icala lakhe lihlobene nezothando.
UNkk Kara uthe beyiNPA bayasemukela isigwebo esinikwe uGqwaru.