ZIYAQHUBEKA izigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane yize kunomkhankaso oqhubekayo wokulwa nalesi sihlava.
Izolo ekuseni uNksz Olwethu Mbanjwa (22), waseBurlington, eMalvern, ugwazwe entanyeni isoka lakhe ngommese kade besemcimbini washonela esibhedlela.
Ngokuthola kweSolezwe umufi ubehambe nesoka lakhe elineminyaka engu-25 beya emcimbini.
Kuthiwa kube nengxabano phakathi kwabo, labe selimgwaza.
Lo wesifazane uphuthunyiswe esibhedlela, wafika washonela khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe uzovela maduze enkantolo umsolwa ngecala lokubulala.
“NgoDisemba 1 ngo-1 ekuseni, owesifazane oneminyaka engu-22 ubesephathini nesoka lakhe ngesikhathi kuqubuka ingxabano, labe selimgwaza. Uphuthunyiswe esibhedlela washonela khona. Umsolwa ubalekile endaweni yesigameko. Kuvulwe icala lokubulala esiteshini sase-Malvern. Abaphenyi babophe umsolwa (25), esecashile. Kutholwe ummese osetshenziswe kulesi sigameko. Uzovela enkantolo yasePinetown kuleli sonto,” kusho uNaicker.
Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Khombinkosi Jula, uncome amaphoyisa ngokushesha abophe umsolwa.
“Kubuhlungu ukuthi ngalesi sikhathi somkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kube khona abantu abaqhubeka nokubulala abesifazane ngesihluku. Ngiyajabula umsolwa uboshiwe, siyathemba uzothola nesigwebo esimfanele enkantolo,” kusho uJula.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga njengoba izinombolo zakhe zingatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.