UKUKHULA ehlala emjondolo uthi yikhona okumnike ugqozi lokuthi abhale incwadi egqugquzela intsha ukuthi ingalilahli ithemba, umbhali osemncane waseThekwini.
UMnuz Ayanda Jwara (29) okhule ehlala emjondolo kwa-J eMlaza, uthi ulwazi kahle usizi lokukhula ehlala endlini eyodwa nomdeni wakhe njengoba ekhule belala ndawonye nabafowabo ababili, udadewabo nabazali bakhe. UJwara ubhale incwadi esihloko sithi: From Hell To Heaven, athi uhlose ngayo ukunikeza ithemba kulabo ababona sengathi impilo iyaphela ngenxa yobunzima abahlangabezana nabo.
“Ngikhula, besiphila ngomholo omncane kababa obesebenza esitolo. Obekufike kwenze impilo ibe nzima kakhulu wukuthi ubaba ubengumuntu obephuza kakhulu, lokho bekwenza bahlale ngokuxabana nomama futhi ukuxabana kwabo kwenzeka phambi kwethu njengoba ibingekho enye indlu, besilala sonke ndawonye,” kusho uJwara.
Uthi ngenxa yalesi simo ugcine esedudana nabangani esebhema izidakamizwa ngenhloso yokuzama ukukhohlwa okwenzekayo ekhaya.
Ngemuva kokuqeda * -matric, esikoleni iClairwood High, wenze izifundo ze-Electrical Engeneering, eMangosuthu University of Technology ngo-2008 nalapho athi impilo yakhe iqale khona ukuba ngcono ngoba abangani abesondelene nabo bekungamakholwa futhi beqikelela ukuthi kuyafundwa nakuba yena wayengenalo uthando lokukholwa.
Eseqede ukwenza iziqu zakhe, ngo-2010 uthi ubunzima buqale phansi, umsebenzi ungatholakali, wathi okwakwengeza ubunzima wukuthi nabazali bakhe base behlukanisile.
Uthe ubuyele ezidakamizweni, waduma ngokwenza izinto ezingalungile emphakathini ngoba eselahle ithemba lokuthi ikhona into enhle adalelwe yona.
Ngemuva kweminyaka emine eqedile enyuvesi engawutholi umsebenzi, uthole umsebenzi kwa-Eskom nalapho aqala ukusebenza khona njenge-Electrical Engeener ngo-2014.
“Le ncwadi exoxa ngempilo yami, ngihlose ngayo ukugqugquzela abantu ukuthi noma kulikhuni kanjani kodwa uNkulunkulu uyakwazi ukukudlulisa ezimeni ezinzima,” kuqhuba * -Ayanda.
Le ncwadi iyatholaka ngokungena kwi-website yakhe ethi: www.ayanda.ayakhanyisa.co.za.
Ngokudayisa le ncwadi uthi uhlose ukwenza imali azonikela ngayo ezikhungweni lapho kugcinwa khona izintandane.
Uphinde abe nenkampani yakhe i- Ayakhanyisa Energy Suppliers okuyinkampani ye-Engeneering.