Mhlengi Shangase
UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan, usamukele isinqumo sikahulumeni sokuxhasa iSAA ngoR10.5 billion ukuze kuphothulwe uhlelo lokutakula le nkampani.
Lesi simemezelo esenziwe nguNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni ethula isabelomali, sikhalise amaqembu ehlukene ezepolitiki.
UGordhan uthe ukube ayifakwanga le mali kule nkampani ibizowa bhu bese kudingeka uR18.5 billion.
“Abasebenzi bashayeke kakhulu ngoba bazothola uR32 000 kuphela noma kungathiwa umuntu useneminyaka emingaki esebenza. Abasebenzi bazothola le mali uma sekugunyazwe yonke into.”
Uthe ngale mali okuzotakulwa ngayo le nkampani, izosebenza njengoba kuzoba nezinhlelo ezifana nokuqokwa kwebhodi lesikhashana, ukuqokwa kwezikhulu eziphezulu ezizobamba, ukukhokhela isikweletu esidala, ukusheshisa izinhlelo zokusungula inkampani entsha yezindiza okumele kwenzeke ngonyaka ozayo.
“Uhulumeni uzosebenza nomkhakha ozimele ukusungula le nkampani.
“Ukudiliza kulindeleke ukuthi kudle uR2.2 billion, kanti kunezinhlelo zokuthi kugcinwe abanye babasebenzi.”
Izinyunyana zabasebenzi zikhale ngokuthi uhulumeni akabakhathelele laba basebenzi okunalokho ukhathalele ukulokhu etakula le nkampani.
Zithe lokhu kubonakala ngokuthi kube nesiphakamiso sokuthi kunganyuswa amaholo abasebenzi iminyaka emithathu.
Okunye ngukuthi izikhulu ezisezikhundleni eziphezulu kuhulumeni nakomasipala kumele zehliselwe imiholo ngoba zihola kakhulu.
UMboweni uthe bekumele bazikhokhe izikweletu zabo ngoba babezibophezele.