UXOLISILE uNgqongqoshe wezasekhaya uMnuz Malusi Gigaba ngokuphakamisela ilungu le-EFF ucikicane izolo ePhalamende.
UGigaba uphakamisele uDkt Mbuyiseni Ndlozi, ucikicane ngesikhathi lo mkhulumeli we-EFF etshela uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi oNgqongqoshe kumele angabe esabathengele omakhalekhukhwini abanamakhamera kodwa baphathe obhopopo.
Noma engazange abize gama lamuntu kodwa lokhu kubukeke sengathi ubebhekise kuGigaba ngoba kusanda kuputshuka i-video okuthiwa isisabalele ngisho ezinkundleni zemikhuba ezweni lonke lapho uGigaba ezishuthe iphobane.
EFF MP Mbuyiseni Ndlozi shows MPs in the National Assembly a burner phone. Picture: Getrude Makhafola/African News Agency (ANA)
UGigaba uthe izigigaba zakamuva yizona ezenze ukuthi aziphathe ngale ndlela.
"Ngiyaxolisa ngokuphakamisa umunwe. Noma ngingaphansi kwengcindezi ezinsukwini eziwu-10 ezidlule bekungamele ngiziphathe ngale ndlela," kusho uGigaba exolisa kuTwitter.
I apologise, unreservedly, for this gesture. The petty taunts that provoked it and the strain I have been taking, over the past 10 days, are no excuse for my indiscretion which is perfectly summed-up in this tweet by @SpheDludla. https://t.co/Gqko6q5fG2
— Malusi Gigaba (@mgigaba) November 7, 2018
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bebengakuzwa ukuxolisa kukaGigaba abanye bethi kumele asule manje ngoba usaqhubeka nokuzihlaza.
Nakhu ukuphawula kwabantu ezinkundleni ngokuxolisa kukaGigaba:
Too many apologies....
Do the country a favour... RESIGN.
Enough already
— gianicos (@gianicos) November 7, 2018
He is one of those bigger problems. He must go.
— Segonye (@Maswanganye) November 7, 2018
You're an ongoing embarrassment to the @CyrilRamaphosa @GovernmentZA, your @MYANC, our @ParliamentofRSA, your wife and family and to #southafrica in general. #conductunbecoming. You should resign. This is not how cabinet ministers behave.
— Simon Marais (@simonmaraisza) November 7, 2018
Chief resign and go sort yourself out. You will try to make a political comeback in years to come, but for now go morena.
Don't be the persona non grata! pic.twitter.com/wX6kK4mrVv
— Morolong (@TowardsUhuru) November 7, 2018