SABELO NSELE
BAKHALA ngamaphupho ashabalele abashonelwe yizingane ezishaywe ugesi okokoteliwe emjondolo KwaJika Joe, eMgungundlovu.
U-Enerst Dewa (8), Buhlebuyeza Jili (8) noGift Dlamini (6) bashone ngoMgqibelo emva kokushaywa ugesi bebhukuda emfuleni onqamula phakathi kwemijondolo.
Abazali babo bathi bebenethemba lokuthi bazokhula basebenze, bese bebakhipha empilweni yosizi yakule mijondolo.
Abafelwe bathi akuphephile kule ndawo abahlala kuyona ngoba bahamba phezu kwezintambo zikagesi oxhunywe ngokungekho emthethweni.
NgeSonto abazali balaba bafana bacele ukuthi uMasipala waseMsunduzi ubasize ngezindlu eziphephile.
Elandisa ngesigameko sangoMgqibelo ntambama, unina kaGift, uNksz Sweleni Dlamini, uthe emva kokuthi sebeshaywe ugesi kufike omunye wabangani babo ehefuzela ezobika.
“Kuthe sihleli endlini kwafika ingane encane, yathi ‘wemakaGift ngicela uphume kukhona izingane ezishaywe ugesi.’ Ngathi uma ngifika khona, ngazibona ngempela izingane ezimbili, kwathiwa kukhona nenye yesithathu esanyakaza. BekunguGift loyo.
“Abantu bathi bazamile ukungena emanzini nabo wabashokha ugesi. Kusize ukuthi kuze kube khona onqamula intambo kagesi.”
UNksz Dlamini ongomunye wabazithola bengenayo indawo yokukhosela ngesikhathi kusha imijondolo elinganiselwa ku 500 kule ndawo ezinyangeni ezimbili ezedlule, unxuse ukuthi batholelwe indawo ephephile.
“Abantu bayaphela yilo gesi. Ugesi ufike ubulale ingane emini, bese uyanqanyulwa. Ebusuku baphinde futhi bawuxhume.”
Umamkhulu ka-Enerst, uNksz Bajabulile Luthuli, uthe ingane yabo bayifice isimboziwe, kwavele kwabacacela ukuthi ayisekho emhlabeni.
“Sicele ukuthi basikhombise. Bekukhona izinto ezimhlophe emlonyeni, obekukhombisa ukuthi ubekhihliza amagwebu.
“Njengoba ebekhula , besinethemba lokuthi wuye oyosikhipha kulolu sizi esibhekene nalo kule mijondolo.”
Ugogo kaBuhlebuyeza, uNkk Khanyisile Jili, uthe ukushona komzukulu wakhe kuyishwa empini yokulwa nobugebengu obudlangile kule ndawo.
“Ubefisa ukuba yiphoyisa. Ubehlezi ethi ufuna ukubopha wonke amaphara. Ubengumuntu obebathanda kakhulu abantu. Selokhu eshonile, abantu engingabazi ngisho nokubazi, baphuma bayangena bezozwa ngale ndaba.”
Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNksz Thobeka Mafumbatha, uthe umasipala usuqale uphenyo ngalesi sigameko.
“Sithanda ukunxusa izakhamuzi ukuthi ziyeke ukuzixhumela ugesi ngokungekho emthethweni ngoba lokhu kubeka impilo engcupheni, kuphinde kuphazamise nomnotho wethu.”
IMeya yaseMsunduzi uMnuz Mzimkhulu Thebolla kulindeleke ukuthi ihambele imindeni namhlanje.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse umasipala ukuthi ubathathele izinyathelo abaxhuma ugesi ngokungekho emthethweni.
Esitatimendeni, uHlomuka unxuse ukuthi abahlali baKwaJika Joe beze nolwazi lokuthi obani abenza lo mkhuba.
Enerst Dewa
Gift Dlamini
Buhlebuyeza Jili