UVEZE izindaba ezishaqisayo umlisa osolwa ngokuba ngungqondongqondo ecaleni lokubulawa kwamalungu omndeni wakwaKhoza ayisikhombisa abulawa angcwatshwa endlini eVlakfontein, eGauteng.
Umbiko we-Eyewitness News uveze ukuthi uMnuz Ernest Mabaso (27) ongomunye wabasolwa ababili abasolwa ngokubulala amalungu omndeni akwaKhoza uthe wayephoqwe nguMnuz Fita Khupe (61) abasolwa naye kuleli cala ukuthi abulale lo mndeni. Ngesonto eledlule iNkantolo yeMantshi yaseProtea ikuhlehlisile ukulalelwa kokufakwa kwesicelo sebheyili kwalaba bobabili ukuze kuqhubeke izolo nanamuhla.
Laba basolwa babhekene namacala okubulala amalungu omndeni wakwaKhoza ayisikhombisa uNksz Mbali Khoza (51), nodadewabo uNksz Dudu Khoza (46) indodakazi yakhe uNksz Nomfundo Khoza (28) nabazukulu uKarabo (11), uLuyanda (7) , uNkanyiso (2) noSibongakonke (2). UMabaso uphinde abhekane namacala okudlwengula.
UMabaso okuthiwa wazenza ilungu lomndeni wakwaKhoza, ezibiza ngoSibusiso Khoza utshele inkantolo ukuthi uKhupe wamphoqa ukuthi adlwengule bese ebulala amalungu alo mndeni. Uveze ukuthi wayesaba ukuthi uKhupe uzombulala uma engakwenzi ayekusho.
Izolo bekulalelwa ukufakwa kwesicelo sebheyili salaba bobabili. Ngokwe-Eyewitness News uMabaso uthe uKhupe wamphoqa ukuthi adlwengule izingane ezine ezingamalungu alo mndeni phambi kwakhe bese eziklinya azigqibe.
Encwadini efungelwe efundelwe inkantolo, uMabaso kuthiwa uthe wasebenzisa isando ukushaya amalungu alo mndeni emakhanda njengoba ayeyalelwe ukuthi enze ngabantu ababemthumbile. Uthe wathunjwa ngabantu ababezenza amaphoyisa bamsabisa ngokuthi bazombulala uma engenzi ababethi akakwenze. Uthe uKhupe usebenzela laba bantu.
UMabaso uthe akayena umuntu ongabaleka uma ekhishwa ngebheyili. Uthe angakwazi ukukhokha ibheyili engangoR5000. UKhupe kuthiwa uziphikile izinsolo ezibekwe nguMabaso ngaye wathi konke akushoyo kusemcabangweni wakhe.
Ngokusho kombiko we-Eyewitness News inkantolo isale ishaqekile nemindeni yahluleka ukuzibamba ngesikhathi kufundwa incwadi efungelwe kaMabaso.
Izidumbu zamalungu omndeni akwaKhoza zatholwa ngo-Okthoba 29 nonyaka zigqitshwe endlini abanye babo bekopolotwe amehlo emuva kokuthi begcine ukubonakala ngo-Okthoba 19.