UGCWELE amathafa osolwa ngokudubula ngentululwane yezinhlamvu imenenja yaserenki yamatekisi yafela endaweni yesigameko, emgwaqweni uCottonwood Drive, eTrenance Park, eVerulam izolo ekuseni.
Kuthiwa onogada beReaction Unit South Africa ( Rusa) baphuthume lapho okwenzeke khona isigameko, ngemuva kokuthola imibiko mayelana nokudutshulwa komlisa. Kubikwa ukuthi ngesikhathi befika, bazithele kulo mlisa obedubuleke ekhanda nasemhlane elele ebheke phansi, onqenqemeni lomgwaqo. Kuthiwa umufi utholwe wonogada opha kakhulu, kanti ugcine ephelele endaweni yesigameko.
UMnuz Prem Balram okhulumela iRusa, uthe ithimba labo lithole amagobolondo ezinhlamvu angaphezulu kwayisishiyagalombili endaweni yesigameko.
“Umufi kusolwa ukuthi uneminyaka elinganiselwa ku-20 kuya kwengu-30. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa njengamanje,” kusho uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokudutshulwa komlisa izolo eTrenance Park, eVerulam.
“ Umsolwa kubikwa ukuthi ubalekile ngemuva kokubulala indoda eneminyaka engu-30. Amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokubulala,” kusho uCapt Gwala.