UFUNA ubulungiswa, umthetho usebenze owesifazane waseZwelibomvu othi uhlukunyezwa isoka lakhe eselimlobolile elimshaya liphindelela.
UNksz Phindile Mabhida uthi kuhlezi kuyisizathu esingazwakwali ahlezi eshayelwa sona. Uthe isoka lakhe liqale ukumbeka isandla ngemuva kokuhamba nabangani beyongcebeleka, wabuya ngesikhathi abangavumelananga ngaso.
Uthe bese enesikhathi ephila impilo yokushaywa, kodwa isigameko sokugcina esimshiye emabokoboko samvusa emaqandeni, yize alivula icala uthi uzizwa engavikelekile.
“Ngangiphume nabangani, wacikwa ukuthi angibuyanga ngesikhathi sakhe. Wangingenela ngesibhakela wangishaya ngaze ngavaleka amehlo,ngalala esibhedlela,” kusho uNksz Mabhida.
Uthe esephumile esibhedlela waphindela endlini abahlala kuyo nesoka lakhe wahlala izinsuku ezintathu ngenxa yokulesaba, wayengakwazi nokulivulela icala emaphoyiseni. Abomndeni wakhe uthe babengazi ngokuhlukunyezwa, njalo uma eya ekhaya wayegcoba ibomvu ukufihla izibazi ebusweni.
Uqhube wathi ngoJulayi wamshaya waze waba mabokoko ngenduku, engakwazi nokuya emsebenzini, kodwa icala amvulela lona wagcina elihoxisile, ngenxa yokwesaba.
Bonke abantu engisondelene nabo babengabazi ubunzima engibhekana nabo.
Ngize ngamvulela icala ngomhla ka 12 Novemba sekukade elokhu engihlukumeza, engishaya ephindelela ngesaba ukumvulela icala, kwathi emva kwezinsukwana bamfonela bamtshela ukuthi sengimvulele icala, uyadingeka ukuzogingqa izithupha esiteshini samaphoyisa. Engakayi eNkantolo weza kimi wangitshela ukuthi mangilisule icala uma kugenjalo ngizobhekana nenkinga.
“Wangisongela wathi uzongibulala, futhi angangithengela nezigebengu uma ngingalihoxisi icala. Wangithumela nemali engango-R 10 000 yokungivala umlomo. Senginezinyanga ezintathu ngingayi emsebenzini, waze waphela nalowo msebenzi ngenxa yokushaywa kubuhlungu umzimba wonke ngingakwazi ngisho ukwenzani,” kusho uNksz Mabhida.
“Kunzima ngoba umseshi ophethe icala uhlobene nesoka lami. Naye waze wangitshela ukuthi ngizidlalela ngesikhathi ngeke yena aboshwe uma icala ngisalifake eMariannhill,”.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umlisa oneminyaka engu-38 waboshelwa icala lokushaya owesifazane, uvelile eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngomhla ka 25 Novemba, icala lahlehliselwa inyanga ezayo.
Uthe njengoba egcine esitholile isibindi sokubopha isoka lakhe uyafisa ukuthi nabanye abesifazane babe nesibindi bangayithathi kancane indaba yokuhlukunyezwa amadoda.