UFUNA isinxephezelo eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal nokuthi kuxoshwe bonke ababa nesandla ekushintsheni kwempilo yakhe owesifazane waseMzinyathi, ngaseNanda, owalinyazwa ngesikhathi eyohlinzwa esibhedlela, i-Addington.
UNksz Phindile Mncube (33), owayenenkinga yezinhlungu futhi opha kakhulu njalo uma eya ezinsukwini zakhe, utshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi engena e-Addington ngoSeptember 2016, wayezitshela ukuthi usezophuma enhluphekweni.
Uthe akubange kusenzeka lokho ayekucabanga njengoba ukungena kwakhe kulesi sibhedlela kwaholela ekutheni ahlale esezinhlungwini zonke izinsuku zempilo yakhe aphinde futhi abe yinto yombhede.
“Ngesikhathi ngingena khona odokotela bangitshela ukuthi kuzofanele ngiye e-theatre ngiyohlinzwa, ngikhishwe isibeletho namaqanda. Bangitshela ukuthi lena yiyo kuphela into eyayizongiphumuza kulokhu kopha okweqile nezinhlungu engangibhekene nazo. Yize noma kwakuyisinqumo esinzima okwakumele ngisithathe, njengoba ngangineminyaka ewu-27 kuphela kodwa ngavuma ngoba ngase ngifile yizinhlungu,” kusho uNksz Mncube.
Uthe enye into eyamduduza ukuthi wayesevele enazo izingane ezimbili.
Uthe wathi uma ephaphama emva kokuhlinzwa, odokotela bamtshela ukuthi ababange besamkhipha isibeletho namaqanda njengokwesivumelwano ngoba bathe uma sebemhlinza bathola ukuthi maningi kakhulu amahluli egazi asesibelethweni sakhe.
Uthe bamtshela ukuthi bafake ipayipi elimoma amahluli ukuze aphumele ngaphandle.
“Noma kwangishiya nginemibuzo eminingi lokho kodwa ngazitshela ukuthi hleze bona ngoba baqeqeshelwe ukusebenza ngeziguli, banolwazi olungcono lokuthi ukufakwa kwepayipi esikhundleni sokukhipha isibeletho njengokwesivumelwano, kwakuzongisizaphi mina njengesiguli,” kusho uNksz Mncube.
Uthe kwathi esegodukile wafika ekhaya wezwa izinhlungu ezazedlula lezi ayenazo eze ethatha isinqumo sokuvuma ukukhishwa isibeletho.
“Ngaphindela esibhedlela ngayobika, bafike benza amanye ama-test aveza ukuthi ngesikhathi bengifaka ipayipi, bangifaka into okuthiwa i-hernia mesh, okuyinto esapulasitiki nokuyiyo le eyase ingidalela izinhlungu ngoba isinamathele emathunjini nasesibelethweni,” kusho uuNksz Mncube.
Uthe wathi uma ebabuza ukuthi uzosizakala kanjani, bonke bazihlangula bathi ayikho indlela yokususa le-hernia mesh enamathele emathunjini nasesibelethweni sakhe ngoba angafa nokufa.
“Okubuhlungu ngisezinhlungwini ezinzima, alikho elamahhala, nempilo yami imoshekile ngoba sengiyinto yombhede futhi isimo sami sikhomba ukuthi ngeke ngiphinde ngisebenze,” kusho uNksz Mncube.
Uthi yikho efuna ukuthi umnyango uthathele izinyathelo bonke abathintekayo ekulimaleni kwakhe, uphinde umnxephezele ukuze akwazi ukukhulisa izingane zakhe ezisafunda isikole.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali uMnuz Ntokozo Maphisa uthe nakuba umthetho ungawuvumeli uMnyango ukuba udalule izindaba eziyimfihlo eziphakathi kwesiguli nabezeMpilo, uthe uMnyango uyazi ngodaba lwesiguli esithile esixinwe wukugula okuxakile, esesike sabonwa kaningana wodokotela ezikhungweni ezahlukene phambilini, okubalwa kuzo nesibhedlela esisezingeni eliphezulu, nesinongoti kwezempilo.
Uthe Isiguli besilokhu sichazelwa ngesimo saso, kanye nokuthi samukelekile ukubuyela esibhedlela nanoma yinini uma sixakeka.
“Umnyango awukugqugquzeli ukubika ngezindaba zezempilo gadalala ngoba lona wumkhakha onzulu, nongeqondwe kalula wumuntu ongawuqeqeshelwe. Phakathi kokunye, lokhu kubandakanya imbangela nomsuka wezifo; indlela ezilashwa ngayo; nezinqumo zokuthi kuphephile yini ukuhlinza umuntu noma kuzobeka impilo yakhe engcupheni.,” kusho uMaphisa.