UMENGAMELI Jacob Zuma usezwakalise ukuthi ufisa ukuba iMeya yaseNkandla uma eseshiya ekubeni uMengameli wezwe.
Ekhuluma emngcwabeni wengqalabutho uMnuz Riot Mkhwanazi enyuvesi yaseZululand izolo, uZuma uthe ufuna ukuba ikhansela angenele ukhetho kwi-ward yakhe.
“Uma ngithi ngifuna ukuba ikhansela uma sengithathe umhlalaphansi, abantu bayangihleka. Bengitshela omunye ngoMgqibelo ukuthi izinhloso zami ngukuthi ngibe iMeya yaseNkandla ngelinye ilanga,” kusho uZuma.
UMkhwanazi noZuma baboshwa ndawonye ejele iRobben Island iminyaka engu-10 kanti basebenza ekudingisweni.
I-IFP yawina uMasipala waseNkandla ngo-54% wamavoti kwathi i-ANC yawina ngo-44% okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-Agasti 3.
U-ward 14 uZuma ahlala kuwo wawinwa yi-ANC.
UZuma uthe uMkhwanazi yize ayenamava kwezomzabalazo kodwa wayeyikhansela le-ward KwaDlangezwa.
“Wayeyingqa-labutho kodwa akazange angabaze ekutheni abe ikhansela. Akanqabanga wathi kumele ngibe le phezulu nabanye. Akazange azibone ebalulekile, iyona politiki leyo,” kusho uZuma.
Uthe ukuze i-ANC iphumelele kumele ibukele kubantu abafana noMkhwanazi.
Khonamanjalo, ihhovisi likaZuma izolo likhiphe isitatimende sokuthi uhulumeni ukulungele ukunxephezela izisulu ezashona eMarikana, eNorth West ngo-Agasti 2012.
“Mayelana nesinxephezelo saseMarikana uhulumeni usekulungele ukukhokha. Amaphoyisa ayalele abameli ukuthi banxephezele abafaka izicelo,” kusho ihhovisi likaZuma.
Lesi sitatimende sithe lezi ngezinye zezinyathelo ezithathwe nguhulumeni emva kweziphakamiso zeKhomishini yeJaji Ian Farlam.
Kwashona abantu abangu-44 ngesikhathi kunesiteleka esasingekho emthethweni emayini iLonmin ngo-Agasti 2012.
Amaphoyisa adubula kwashona abantu abangu-34 iningi labo okwakungabasebenzi baseLonmin ngo-Agasti 16. Ngaphambi kwalesi sibhicongo bangu-10 abantu abase bebulewe kule mayini kubalwa nonogada ababili baseLonmin.