KUMBULWA kwembeswa esibhedlela kubafundi baseLovu abathathu abalimale ngesikhathi kusha umjondolo wakubo ngoLwesine.
Unina walaba bafundi uNkk Thandeka Mashati (42) ushone befika esibhedlela ePrince Mshiyeni.
UNkk Zandile Makhanya, umalumekazi kamufi uthe umshana wakhe kuthiwa ulimale kakhulu ngesikhathi engena endlini ebisigqamuka amalangabi ekhipha enye yezingane zakhe ebisele ngaphakathi.
Kuthiwa uNkk Mashati ubekhanyise ikhandlela ngoba enye yamadodana akhe beyithe bangacishi iyabuya.
Kusolwa ukuthi ikhandlela ebelinanyathiselwe kukhaphethi lishe laze lokhela ukhaphethi kwathungeleka indlu ngomlilo.
Kulo mjondolo kuthiwa bekunegesi okuphekwa ngayo, iqhume yakhipha isisi esenze ukuthi umlilo ungabe usalawuleka.
UNkk Makhanya uthe omunye wabazukulu bakhe osesibhedlela umtshele ukuthi unina ubesebakhiphele emnyango ngesikhathi eqaphela ukuthi omunye umfowabo akekho ngaphandle.
“Uthe uphindele ngaphakathi endlini, igesi isiqhumile, amalangabi esemakhulu. Kuphele isikhathi eside engaphumi. Sicabanga ukuthi ubengamboni ngoba umlilo bese umkhulu uphume naye, sebekhala bonke bezitshela ukuthi bobabili sebeshile,” kusho uNkk Makhanya.
Uthe bobathathu abazukulu bakhe bashe kakhulu.
Kulesi sigameko kulimale uNqabayethu (9) ofunda uGrade 4 eKingsburgh, uQiniso (14) obenza uGrade 8 noThandi Mashati (17) ofunda uGrade 10 eSobonakhona High.
UNkk Mashati kuthiwa ulimale ngesikhathi eyolanda uNqabayethu obesele ngaphakathi.
“Angazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani ngoba umshana wami ubeshadile kodwa umyeni wakhe ubesemshiyile. Manje angazi ukuthi ngizozithini kulezi zingane ngoba uma nami ngingashona kungenzeka zihlukumezeke.
Namanje angazi ukuthi amakhandlela ngizowakhanyisa kuphi ngoba umuzi wakhe ushe wangqongqa kwangasala lutho. Lezi zingane ezisindile nazo azikwazi ukuya esikoleni,” kusho uNkk Makhanya.
UMnuz Mandla Msomi osekomitini lewadi uthe babikelwe ngalesi simo salo mndeni basathinte iminyango efanele ukuze ingenelele kulolu daba. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo lophenyo esiteshini samaphoyisa KwaMakhutha.