intatheli yesolezwe
U PROFESSOR Jonathon Scholtz, oyi-Clinical Psychologist, utshele iNkantolo eNkulu ePitoli izolo wathi ngokubona kwakhe, u-Oscar Pistorius ufanelwe wukuba sesibhedlela kunokuthi ayobhadla ejele.
“Umoya wakhe uphuke kakhulu. Ungumuntu ofanelwe wukunikwa ithuba lokuthi akwazi ukubuyisa ithemba kuye. Ngesikhathi ngikhuluma naye ubekhombisa okukhulu ukuzisola, exolisa nangokwenzeka. Bekuba nanesikhathi lapho bekuze kudingeke ukuthi ngimvuse ngenxa yokuthi umqondo wakhe ububukeka ungekho kahle. Ngize ngamvusa kabili,” kusho uProf Scholtz obefakaza izolo eNkantolo eNkulu iNorth Gauteng.
“Isimo sempilo yakhe asisihle neze. Ukuba ubeyisiguli sami, bengizomlalisa esibhedlela,” kusho lo solwazi.
UScholtz, oyiPsychologist eWeskoppies Psychiatric Hospital ePitoli, uhlole uPistorius ngo-2014, nangoMeyi 2016.
Ebufakazini bakhe uzwakalise ukuzwelana nalo msubathi onecala lokudubula abulale intombi yakhe uNksz Reeva Steenkamp eminyakeni emithathu eyedlule.
Ethula ubufakazi lo solwazi utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi evalelwe ejele iKgosi Mampuru II izinyanga ezingu-12 ngecala lokubulala ngokungenanhloso, uPistorius ubethwele kanzima edonsa isigwebo.
UPistorius ubevalelwe yedwa amahora angu-18 ngosuku futhi lokhu nje kukodwa kufane nokuthi uvalelwe egoqweni njengesilwane ngokusho kukaSolwazi obethula ubufakazi.
UScholtz ubuye wafakaza ukuthi ojele bebeletha abantu ukuba bazobuka uPistorius okuyinto ebimbangela amahloni, imjivaza.
“Beyingekho nendawo yokuthi ame kahle abhalanse kahle kule ndawo abevalelwe kuyona, kungenayo nendawo yokubhalansa nalapho egezela khona. Konke lokhu kuholele ekutheni umlenze wakhe wokufakelwa ube buhlungu,” kusho uSolwazi.
UScholtz uphethe ngokutshela inkantolo ukuthi uPistorius ukukhombisile ukuzisola ngokudubula uNksz Steenkamp futhi ubesexolelwe nawumndeni kamufi.
Kodwa uMshushisi uGerrie Nel ubuze ukuthi ngabe uPistorius angathathwa njengomuntu ngempela ozisolayo uma namanje esahluleka wukwamukela avume ukuthi wabulala uNksz Steenkamp?
UNel uthe uPistorius akakaze nakanye kule nkantolo amukele ukuthi wadubula wabulala umufi esendlini yokugezela ngeValentine’s Day ngo-2013.
Ukulalelwa kwezethulo mayelana nesigwebo kuzoqhubeka namuhla.